UMENGAMELI womfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu uNksz Zingiswa Losi, uhlabe ikhwelo lokuthi akubumbane bonke abasebenzi babe yinto eyodwa.
Image: Timothy Bernard / Independent Newspapers
UMENGAMELI womfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu uNksz Zingiswa Losi, uhlabe ikhwelo lokuthi akubumbane bonke abasebenzi babe yinto eyodwa.
UNksz Losi uthe njengoba kugujwa uSuku lwaBasebenzi kusasa ezweni lonke, iphupho ngukuthi abasebenzi babumbane ukuze umqashi angakwazi ukubahlukanisa.
Uthe noma lilide ibanga eselihanjiwe ukulwela amalungelo abasebenzi, kodwa kuningi okusasilele emuva.
"Kumele silwe nenkinga yokungasebenzi kuleli. Ysihlava esibuyisela izwe emuva. Yingakho sifuna bonke abasebenzi babumbane babe yinto eyodwa," usho kanje.
Uthe bakhathazekile ngesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
"Inkinga enkulu esabhekene nezwe eyokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Yinto okumele silwe nayo ukuze nabo bazizwe bephephile."
Uthe kumele kukhuliswe umnotho ukuze abantu bathole imisebenzi.
Uveze nokuthi bagubha lolu suku nje, bajabule ngokuhoxiswa kokunyuswa kweVAT.
"Abasebenzi bebezoshayeka kakhulu ngokunyuswa kweVAT, Sijabule ukuthi uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana, uyihoxisile eyokunyuswa kweVAT." usho kanje.
Ibiyindaba egudwini eyokunyuswa kweVAT.
Bekukhalwa ngokuthi ukunyuswa kweVAT kuzoshaya kakhulu abahlwempu nabasebenzi.
UNksz Losi, obekhuluma ne-eNCA, ebuzwa ngombono wakhe mayelana nokuthi kuxoshwe uGodongwana ngemuva kokuhluleka kwakhe emnyangweni kaMgcinimafa njengoba aphakamisa eyokunyuswa kweVAT, uthe kulele kuMengameli Cyril Ramaphosa, ukunquma ngazokwenza ngoGodongwana.
"Asisangeni kakhulu ekutheni ubani okumele axoshwe nokungamele. Ekugcineni uMengameli nguyena okumele anqume ngekusasa likaGodongwana."
Usho lokhu nje amaqembu afana ne-EFF afuna uGodongwana akhonjwe indlela.
UNksz Losi uthe abeneme ngendlela uMnyango kaMgcinimafa asebenza ngayo.
"Aseneme ngendlela izinto ezenzeka ngayo eMnyangweni kaMgcinimafa, kusuka kudala. Kumele kwenziwe okuthile ngalo mnyango."
Umgubho kazwelonke wosuku lwabasebenzi uzoba senkundleni iKees Taljaard eMiddleburg, eMpumalanga. Kulindeleke ukuthi kukhulume uRamaphosa neSACP.
Related Topics: