ABEWEST AMALUNGU e-EFF ngesikhathi kuqhubeka icala enkantolo yeMantshi yaseNtuzuma
Image: SITHUNYELWE
UMNDENI wowesilisa waseNtuzuma, oboshelwe icala lokudlwengula intombazane, uphika ulala ngomhlane ukuthi lo wesilisa uyilungu leqembu lemigulukudu esatshwayo, elidume ngokuqotha ngenhlamvu eNanda namaphethelo, iWest.
Umsolwa oneminyaka engu-24 ubhekene necala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-14, esigamekweni okuthiwa senzeka emijondolo yaseNtuzuma.
Umndeni womsolwa uzifikele qathatha emahhovisi eSolezwe, uzokhipha ingonyuluka ngakho konke okwenzeka kuleli cala.
Eqhulwini uveze ukuthi kungamampunge ukuthi umsolwa uyilungu leWest.
Leli cala lisenkantolo yeMantshi yaseNtuzuma.
"Ngiyakweshwama mina ukuthi umntanami uyilungu leWest. Angiyazi ukuthi isukaphi ngempela le nto yokuthi mina ngizala izingane eziyiWest,'' usho kanje, ebusweni kubonakala ukuthi iyamnenga le nto unina womsolwa.
Eqhuba uthe uthathe isinqumo sokuzifikela mathupha emahhovisi aleli phephandaba ngoba ubefuna ukugeza igama lomsolwa nelamadodana akhe.
Uthe akangabazi nje nakancane ukuthi lizovela iqiniso enkantolo mayelana nalolu daba ngokuhamba kwesikhathi.
Usole unina wengane okuthiwa ingumgilwa ngokuphehla udweshu.
''Uyabona nje okokuqala umsolwa akazange alandwe ngamaphoyisa ngosuku aboshwa ngalo. Kunalokho walandwa yiqulu lamadoda, athatha umsolwa amyisa esiteshini samaphoyisa saseNtuzuma,'' usho kanje.
Uveze ukuthi yena uyisangoma, akazwani nokukhuluma nesixakaxaka esingenasidingo.
"Yingakho ngifuna ukuthi lolu daba olusenkantolo luphathiswe okwezikhali zamaNtungwa ukuze ekugcineni kungachitheki igazi."
Elinye ilungu lalo mndeni lithe umsolwa ungowesilisa oqotho futhi othembekile.
Liveze ukuthi yingakho bedidekile uma eboshelwa icala lalolu hlobo futhi bakhathazekile njengoba sebethuka izanya.
"Kunemoto esiilandelayo noma yikuphi lapho sihamba khona. Asazi ukuthi kungani lo muntu enza le nto ayenzayo,'' usho kanje.
Liveze ukuthi kuke kwabakhona isikhathi lapho badutshulwa khona kodwa basinda. Enkantolo lithi baphathiswa okwezingcanga uma beze khona ngenxa yokuthi kusuke kunabalandeli abaningi be-EFF.
"Sishaywa nangezimpama uma size enkantolo yaseNtuzuma. Uyabona nje ukuthi bahlose ukusihlukumeza ngamabomu,'' lisho kanje.
Nalo leli lungu liphike lalala ngomhlane ukuthi umsolwa uyilungu leqembu lemigulukudu elisatshwayo iWest.
"Angazi ngempela ukuthi isukaphi le nto yokuthi umsolwa uyiWest, ayikho nje leyo nto,'' lisho kanje.
Ilungu lesithathu lomndeni womsolwa lithe sebethola ngisho imiyalezo ebasabisayo, yokuthi mabahambe endaweni.
Nalo lichaze umsolwa njengemvu yeNkosi, engabhemi engaphuzi futhi engenalo nodlame. Ligcizelele ukuthi umsolwa ubhecwa ngobende nje inyama engazange ayithi mbibi.
''Asazi sonke ukuthi kungani bemsukela ngalokhu okuthiwa ukwenzile."
Uthe abayithandi le nto yokuthi kube khona abantu ababazingelayo.
Phambilini kuhlaluke ukuthi umgilwa ubeyintshitshi ngaphambi kokuba adlwengulwe. Ngesikhathi icala ligcina ukuba senkantolo, ngaphandle kwayo kwakunamalungu e-EFF ayebhikisha.
Icala libuyela enkantolo ngoJuni 3.
Muva nje amaphoyisa asanda kujuqa abesilisa abane okwabikwa ukuthi bangamalungu eWest emgwaqweni uM4 Highway eMlaza.
Related Topics: