Uzinike isigwebo sentambo
Image: Sigciniwe
KWENZEKE okungavamile eMancence, eNtambanana, owesilisa okuvele ukuthi ubesevulelwe icala lokudlwengula umshana, ezilengisa ngesikhathi kufika amaphoyisa ethi azombopha.
Umufi (28), igama lakhe elingeke lidalulwe ukuze kuvikelwe umgilwa (12), yena osadla anhlamvana, kuthiwa uzihilele ngoLwesine.
Ngokusho kukayise kamufi, bebezihlalele nje ekhaya ngoLwesine bexoxa nomufi ngokuthile.
Uthe umufi ubekhuluma naye emi emnyango wenye yezindlu, wambona ehwaqabala ebusweni, emva kokubona imoto yamaphoyisa emgwaqweni ongenela ekhaya.
“Uthe esuka wabe engena ngaphakathi kule ndlu abemi emnyango wayo. Ngisukile lapho ebengikhona ngeza ngakuyo le ndlu, ngifuna ukubona ukuthi yini le eyenza ashintshe ebusweni. Ngibe sengibona kungena imoto yamaphoyisa,” kusho uyise kamufi, owumkhulu kumgilwa.
Uthe amaphoyisa afike amtshela ukuthi ahamba nomgilwa nonina, abebeyovulela umsolwa icala, owumalume kamgilwa.
“Ngishaqeke kwaphela nasozwaneni, ngizibuza ukuthi mihlola mini le engehlelayo emzini kababa. Nokho emva kokuxoxa namaphoyisa imizuzu embalwa, ngibe sengithuma yena umgilwa, ukuthi akahambe ayombiza umalume wakhe kule ndlu engimbone engena kuyo. Sizwe ngaye esekhihla isililo, ethi umalume usezibulele,” kusho uyise kamufi.
Uthe bahambe bayobheka insumansumane ebebeyitshelwa umgilwa, bamfica elenga umufi.
“Angikaze ngiyibone into enje. Ngehlelwe yimishophi emibili ngesikhathi esisodwa. Bengisathuswe yikho lokhu kokuthi uvulelwe icala lokudlwengula, ngathi ngisamangazwe yilokho, nangu naye esevele ezibulala,” kusho uyise kamufi, othe uyabona ukuthi uzibulale ngesikhathi ebona amaphoyisa esondela nganeno.
Uqhube wathi zimshaqisile izinsolo zokudlwengula ngoba umufi ubebukeka eyindodana ehloniphayo, engazibandakanyi nobugebengu, engaphuzi futhi engabhemi.
Uthe ngesikhathi esenaba ngesenzo sokudlwengula, amaphoyisa athe umgilwa uveze ukuthi senzeka ngoFebhuwari kuwo lo nyaka.
“Kuvela ukuthi ubhale incwadi eshoyo ukuthi umalume uyamnukubeza, wayiphonsa esikhwameni sikanina obeyoqala umsebenzi omusha ngoLwesibili,” kusho uyise kamufi, othe unina kamgilwa incwadi uze wayibona ngoLwesithathu ekuseni, ngesikhathi esethulula isikhwama, wabe esenikela emaphoyiseni.
Uyise kamufi uthe ufe olwebiza njengoba ngokwakhe bekungamele azibulale umsolwa.
“Ngizithole sengikhuluma nesidumbu silenga, ngimbuza ukuthi kodwa ubusungaze uzibulale pho, kunokuthi uyeke umthetho usebenze, liqulwe icala, unikwe leso sijeziso ozosinikwa, uma sesiphelile isigwebo, ubuye uze ekhaya? Pho ke, bese ngikhuluma nomuntu ongeke esangiphendula. Ngilimele,” usho kanje.
Uthe ukwenzeka kwesigameko kumkhumbuze inkulumo eyavuka bezixoxela ngawo uFebhuwari, bebona udaba lokudlwengulwa kwengane kwithelevishini.
“Ngaxoxa nje, ngibuza ukuthi kodwa umuntu owenza into enje usuke esengenwe yini? Waphendula ngelithi kanti baba iyabavelela le nto abantu (abasolwa), bengathandi. Wanezela ngokuthi yena uma kungamfica, angavele azilengise, amaphoyisa ayomfica esebanda,” kusho uyise kamufi.
Uqhube wathi umufi wanezela ngokuthi uyobe ezilengisela ukuthi uhlulwe umthetho wasekhaya ngoba bakhuliswe kahle ngakho kuyobe kungasamfanele ukuphila, esephoxe uyise.
“Ngayivala leyo ngxoxo ngokuthi ngithi kufanele bajeze abenzi balolu hlobo lobugebengu. Uma sengibuka lokhu akwenzile, kusobala ukuthi ngalesiya sikhathi siba nale ngxoxo, wayevele eseyinukubezile ingane,” kusho uyise kamufi, obelokhu ekuphindaphinde njalo ukuthi ulimele.
Ucele usizo lokwelulekwa ngokomqondo, kulandela isigameko, wathi umgilwa ozithele phezu kwakhe elenga, uyaludinga usizo lokwelulekwa ngokomqondo.
Uveze ukuthi nabo bewumndeni bayaludinga usizo olufanayo ngoba umshophi obavelele uyabasinda.
Siye koshicilela amaphoyisa engakaphawuli.
Related Topics: