UNGQONGQOSHE wezokuThutha uNkk Barbara Creecy nephini lakhe uMnuz Mkhuleko Hlengwa
Image: GCIS
UNGQONGQOSHE wezokuThutha kuzwelonke uNkk Barbara Creecy, usezwakalise ukukhathazeka ngokunyuka kwesibalo sabahamba ngezinyawo abafa emigwaqweni eNingizimu Afrika.
UCreecy ukusho lokhu ekhuluma ePitoli lapho ebekhipha khona izibalo zezigameko ezahlukene zasemigwaqweni ngamaholidi ePhasika.
NgoMashi 20 bethule umkhankaso wezokuphepha athe uzophela ngoMeyi 4 ngenxa yezimpelasonto ezengeziwe okudalwa ngamaholidi.
Uthe amaholidi ngokujwayelekile ayisikhathi lapho amathuba okwanda kwezingozi nokufa kwabantu kuphezulu ngenxa yezemidlalo nemicimbi yezokungcebeleka.
UNkk Creecy uthe bangu-167 abantu abafe emgwaqweni, okuyisibalo esehle ngo-45% uma kuqhathaniswa no-307 owadlula ngesikhathi esifanayo ngo-2024.
"NgePhasika lika-2025, sibe nesibalo esiphansi sezingozi nokufa kwabantu uma kuqhathaniswa neminyaka emithathu eyedlule. Izingozi zehle zisuka ku-209 ngo-2024 zaba ngu-141 ngo-2025, okuwukwehla ngo-32.5% uma kuqhaniswa no-2024. Zonke izifundazwe zehlile ngaphandle kwe-Eastern Cape neMpumalanga ezinyuke kancane," kusho uNkk Creecy.
Uthe siyabakhathaza isibalo sabahamba ngezinyawo abafela emgwaqweni.
"Lapho esilokhu siqhubeka nokukhathazeka khona yindaba yokufa kwabahamba ngezinyawo. Ukufa kwabahamba ngezinyawo sekuyiyona nto enkulu. U-47% noma cishe uhhafu wakho konke ukufa ngokwabahamba ngezinyawo. Le nto ikhomba ukuthi umyalezo wethu kwabahamba ngezinyawo, awukafiki kahle," kusho uNkk Creecy.
Uthe izibalo zaphakathi kuka-Ephreli 17 kuya ku-Ephreli 21 zimi kanje:
- Zehlile izibalo zezingozi kuzo zonke izifundazwe ngaphandle kwe-Eastern Cape neMpumalanga.
- Kumiswe kwahlolwa izimoto ezingu-177 584
- Kukhishwe amathikithi angu-44 505
- Kukhishwe emgwaqweni izimoto ezingu-2 018
- Kushaqwe izimoto ezingu-1 536
- Kuboshwe abashayela bephuzile abangu-941
- Kuboshwe abangu-89 abashayele ngesivinini esiphezulu
- Kuboshwe abangu-12 ngokuhamba emgwaqweni bengavumelekile
- Kuboshwe abayisishiyagalombili abebeshayela bephuzile base bezama ukugwazela amaphoyisa
- KwaZulu-Natal kufe 27 kuno-47 wango-2024
- EGauteng kufe-22 kuno-52 ngo-2024
- E-Eastern Cape kufe-28 kuno-29 ngonyaka odlule
- EFree State kufe 7 kuno-12 wango-2024
- ELimpopo kufe-13 kuno-81 wango-2024
- ENorthen Cape kufe 6 uma kuqhathaniswa no-17 ngo-2024
- ENorth West kufe-14 uma kuqhathaniswa no-21 ngo-2024
- EWestern Cape kufe-22 uma kuqhathaniswa no-26 wango-2024
Related Topics: