UTHEMBISE ukuthi zizokhokhelwa kusasa izitshudeni zasemakolishi amaTVET ezingakhokhelwanga ngenxa yobuhixihixi.
Image: Independent Newspapers Archives
UTHEMBISE ukuthi zizokhokhelwa kusasa izitshudeni zasemakolishi amaTVET ezingakhokhelwanga ngenxa yobuhixihixi.
Lesi sithembiso senziwe nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, oxolisile ngokuthi ezinye izitshudeni azikutholanga okuzifanele.
Uthe bekumele zikhokhelwe ngo-Ephreli 25, kodwa kwaba nobuhixihixi imali zaze zayithola ngo-Ephreli 27.
"INSFAS isebenzisana nezikhungo ukuqinisekisa ukuthi le nkinga ayiphindi yenzeke. Kunezitshudeni ezingazitholanga izimfanelo zazo, ngenxa yezinselelo kanti le nkinga iyalungiswa ukuze zithole imali yazo ngo-Ephreli 30," usho kanje.
Uthe uyazi ukuthi izitshudeni zithembele kule mali wathi bayazwelana nazo.
Ubuye waveza nokuthi iNSFAS izibophezele ekukhokheleni ngesikhathi izitshudeni nomastende abahlinzeka ngezindawo zokuhlala.
"INSFAS imatasa yakha uhlelo lapho izomemezela ukuthi kuzokwenzekani ngemali okumele ikhokhwe. Sizimisele ngokukhokhela omastende ngesikhathi esifanele."
Mayelana nezitshudeni ezifake izimangalo ngoba zikhale ngaphansi zangaluthola uxhaso, uthe ikomiti leNSFAS elicubungula lezi zimangalo limatasa nomsebenzi walo.
"Sinxusa izitshudeni ukuthi zilokhu zibheka ukuthi akufuneki yini eminye imininingwane kulabo abafake izimangalo. Kulandelwa yonke imigomo ebekiwe ngaphansi kwalolu hlelo lokucubungula izimangalo," usho kanje.
UTHEMBISE ukuthi zizokhokhelwa kusasa izitshudeni zasemakolishi amaTVET ezingakhokhelwanga ngenxa yobuhixihixi.Lesi sithembiso senziwe nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, oxolisile ngokuthi ezinye izitshudeni azikutholanga okuzifanele.
Image: x
UTHEMBISE ukuthi zizokhokhelwa kusasa izitshudeni zasemakolishi amaTVET ezingakhokhelwanga ngenxa yobuhixihixi.Lesi sithembiso senziwe nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, oxolisile ngokuthi ezinye izitshudeni azikutholanga okuzifanele.
Image: X
Ubuye wakhala ngokuthi iNSFAS ibe nezinkinga zama-code ewasebenzisayo uma ithumela imali kulabo abenza eminye imikhakha emakolishi ukuze bakwazi ukukhokhelwa jmali bathole imiphumela yabo.
"Le nkinga yama-code ithinte izitshudeni ezenza iNational Certificate (Vocational) [NC (V). Ngifisa ukukuveza ukuthi u-80% wemiphumela usukhishiwe wayiswa ezikhungweni obekubhalelwa kuzona.Siqoqe neminye imininingwanei esizoyiyisa emkhandlwini Umalusi ukuze ugunyaze ukukhishwa kwale miphumela kwabenza iNCV, uLevel 2 kuya ku-4. Sihlela ukudedela imiphumela ngoMeyi 9 kuya kuMeyi 12, kuye ngokuthi Umalusi ugunyaza nini ukukhishwa kwayo."
Ubonge ukubekezela kwezitshudeni ezithintekile wathi bazimisele ngokuthi imiphumela ziyithole ngesikhathi.
Related Topics: