Izindaba

Indida kuhamba isikhathi edukile owaphuma eyokha imfino

Zimbili Vilakazi|Published

UNKK Cwelani Jayiya waduka eyokha imfino

Image: Sithunyelwe

UPHITHENE amakhanda umndeni wesaguga saseMthombisi oThongathi, osekuyophela inyanga singaziwa emva kokuphuma ekhaya siyokha imfino.

UNkk Cwelani Jayiya (87), kuthiwa wanyamalala ngoMashi 27 kulo nyaka.

Umzukulu, uNkk Nonkululeko Ntshangase, uthe uNkk Jayiya ubehlala nesihlobo esasheshe sabona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngesikhathi engabuyi ekhaya.

Uthe isihlobo savuka ngakusasa sahlaba umkhosi, sitshela ezinye izihlobo, omakhelwane, namalungu omphakathi.

“Kwaqala kwacingwa yonke indawo, lutho ukutholakala, kwaze kwayobikwa nasemaphoyiseni,” kuchaza uNkk Ntshangase.

Uthe kwakhuluma nabo uNkk Jayiya, wathi usaya emapulazini, uyokha imfino, bese eyoyidayisa.

“Ujwayele vele ukuyikha cishe nsuku zonke, bese eyahamba ayoyidayisa, azitholele amasenti,” kusho uNkk Ntshangase.

Uthe uNkk Jayiya yize esegugile kodwa usenawo amandla okuzenzela izinto ezehlukene.

“Ukuyokha kwakhe imfino yinto abeyenza ngaphandle kokukhathala. Ungumuntu osakwazi ngisho nokutheza izinkuni. Okuningi usazenzela, futhi nomqondo wakhe usebenza kahle,” kuchaza uNkk Ntshangase. 

Uthe ngesikhathi becinga kukhona ababekuzwa, okunye kwakubethusa.

Phakathi kwako wukuthi bakhona abathi bambona esendleleni eya khona emapulazini okwakha isithombe sokuthi waya ngempela ukuyokha imfino. 

Uthe okubathusile yizinsolo zokuthi sekunesikhathi abanikazi bamapulazi bengahambisani nendaba yabantu abangena emapulazini abo, bezozenzela izinto ezithandwa yibo njengakho ukukha imfino.

Uthe abanikazi bamapulazi basola abantu ngokweba izitshalo.

“Kuthiwa uma kwenzekile wabanjwa, bayakuthatha bayokuphonsa eweni elibudebuduze namapulazi,” kusho uNkk Ntshangase.

Uqhube wathi ukhona nonogada wasepulazini, oke waveza ukuthi uNkk Jayiya wambelwa omkhulu umgodi, wafakwa khona,” kusho uNkk Ntshangase, othe lonke lokhu, kubashiya bethuthumela.

Uveze ukuthi konke lokhu bakubikele amaphoyisa ngethemba lokuthi azokwenza okuthile. 

Uthe zonke lezi zinsolo ziyabathusa ngoba zakha isithombe sokuthi mhlawumbe uNkk Jayiya wabulawa. 

“Sesikhalela ithambo lakhe,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal Colonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi idokodo lokuduka komuntu lavulwa esiteshini samaphoyisa eMhlali.

“Lona odukile usafunwa,” kusho uNetshiunda