Izindaba

Bekungaqali ukugingqika kwezimoto kufa ababili bomndeni engozini

Simangaliso Ntshangase|Published

LIGINQGIKE laphela kanjena iloli lamanzi elidlule nemiphemfulo yabantu ababili e-Edendale

Image: FACEBOOK/ARRIVE ALIVE

SEKUVELE ukuthi bese kungokwesihlanu kugingqika izimoto endaweni okuphaphalaze kuyo iloli  lamanzi, eShayamoya, e-Edendale, eMgungundlovu ngeSonto ebusuku.

Kulesi sehlakalo kudlule amalungu amabili omndeni wakwaDlamini, okubandakanya nengane eneminyaka eyisithupha.

Ilungu lomphakathi laku-ward 11, elisondelene kakhulu nalo muzi okushone abantu ababili kuwona, uMnuz Phakamani Kheswa, lidalule ukuthi bewumphakathi kuyabakhathaza kakhulu ukwanda kwezigameko ezinjena, ikakhulu njengoba kulokhu kuze kwaholela ekufeni kwabantu ababili bomndeni owodwa.

Kulimale nabanye ababili okubalwa kubona nomshayeli weloli, olimale kabi.

Exoxa neSolezwe uKheswa, uthe bewumphakathi basavevezela namanje uma becabanga indlela okwenzeke ngayo lesi sehlo.

Uthe bakhathazekile ngokuthi sekuze kufika lapho kuphuma imiphefumulo yabantu khona.

“Sekungokwesihlanu kwenzeka isimo esinjena kuyo le ndawo esiyakhele njengoba kuke kwenzeka esikhathini esedlule kugingqika izimoto amahlandla amane, ngokwehlukana kwezinsuku. Okubi kakhulu wukuthi kuthe kwenzeka manje, kwadlula nemiphefumulo yabantu abangenacala, futhi abebengeke bakwazi ukwenza lutho ukuzivikela,” usho kanje.

Eqhuba uthe inkinga enkulu nedala ukuthi kube lula ukwenzeka kwezigameko ezinjena wukuthi indawo okwakhiwe kuyona iyiwa, okwenza ukuthi uma imoto iqhamuka yehla igijima, kube lula ukuthi umshayeli imphunyuke, bese ingena emizini yabantu.

“Asazi ngempela ukuthi singenza kanjani ukulungisa lesi simo ngoba phela ngeke abantu basuke lapho bakhe khona njengoba imizi eminingi iseduze nomgwaqo. Eminye yawo ayibiyiwe, okwenza kube lula ukufohla kwezimoto zngene kuyona,” kusho uKheswa.

Kuthintwa ikhansela, uMnuz Sanele Zuma, lithe bewubuholi bomphakathi baphatheke kabi ngenxa yalesi simo.

Uthe inkinga enkulu yiyo leyo yokuthi abantu bakhile kule ndawo, kanti iyiwa futhi akulula nokushayela kahle kuyona ngoba yehlela mawala.

Uveze ukuthi kunejika eliyingozi, okungelula ukulawula imoto kulona ikakhulu uma ugijima noma imoto isesimeni esingesihle.

“Nokho sesivele sesiluqalile uhlelo lokuthi kube nokokunciphisa ijubane kubashayeli abahamba kule ndawo. Lokhu asikwazi ukukuphuthumisa ngokushesha ngenxa yokungeneli kwemali eklanyelwe lo msebenzi. Nokho nje siyacela kubashayeli ukuthi bacophelele kakhulu uma behamba kule ndawo ukuze kugwemeke izingozi ezinjena ngokuzayo.”