Izindaba

Sekuqalile ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga

Nonkululeko Nhlapo|Published

Luqaleli uhlelo lokucisha ugesi ngenhloso yokuwonga ngokwesigaba sesibili.

Image: SIGCINIWE

INKAMPANI ephehla ugesi kuleli iveza ukuthi uhlelo lokucisha ugesi ngenhloso yokuwonga okwesigaba sesibili luqale ngehora lesine namhlanje ntambama luzonqamuka ngoLwesihlanu ekuseni.

Le nkampani qale yakhipha isitatimende inxusa abantu ukuba bacishe izinto zogesi ezingasebenzi ukuze kongeke ugesi kodwa ithi iphoqelekile ukuthi iqale lolu hlelo.

"Ngaphezu kwemizamo yethu yokuvuselela ukuphehla ugesi, isidingo sikagesi singaphezu kwalokho ebesilindele, ukulahleka kwamayunithi okuphehla, kanye nokulungiswa kwamanye okuhleliwe kubeke ubunzima ohlelweni. Ngenxa yalokho, uhlelo lokuciisha ugesi ngokwesigaba 2 kusukela ngo-16:00 namuhla futhi izoqhubeka isebenza kuze kube u-05:00 kusasa."

Le nkampani inxuse umphakathi ukuthi usebenzise ugesi ngokuwonga ukuze usize ukwehlisa ingcindezi kugridi.