Izindaba

Kuboshwe izinkulungwane ngamacala ahlukene

Fanelesibonge Bengu|Published

AMAPHOYISA abophe abasolwa abangaphezulu kuka-17 000 ngamacala ahlukene ngesonto eledlule

Image: SAPS

KUBOSHWE abasolwa abangu-17 605 ngesonto edlule, okuyisibalo esiphezulu ngesonto elilodwa kuleli, ngamacala ahlukune ngaphansi komkhankaso i #OperationShanela.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe amaphoyisa abophe abasolwa abangu-3 662 ngamacala okudlwengula, ukubulala nokuzama ukubulala.

Abangu-215 baboshelwe ukudlwengula, kuthi u-67 wabo uboshwe KwaZulu-Natal.

"Amaphoyisa avale amathaveni angekho semthethweni angu-541 ngempelasonto yePhasika. Eziwu-270 zalezi zindawo zokuphuza ezingeko emthethweni zivalwe KwaZulu-Natal," kusho uBrigadier uMathe.

Uthe kuboshwe abasolwa abangu-757 ngokudayisa utshwala ngokungekho emthethweni futhi abangu-270 bashaqwe KwaZulu-Natal.

Abangu-144 baboshwe eMpumalanga no-142 obanjwe eGauteng.

UBrigadier Mathe uthe amaphoyisa abophe abashayeli abangu-1 166 ngokushayela bephuzile noma bedle izidakamizwa.

Abangu-265 baboshwe eMpumalanga.

Abasolwa abangu-393 kwabangu-1 209 abatholakale nezidakamizwa, baboshwe KwaZulu-Natal.

Abangu-249 baboshelwe ukushushumbisa izidakamizwa.

UBrigadier Mathe uqhube wathi amaphoyisa abophe abangu-145 ngamacala okubulala futhi abangu-30 bavalelwe eGauteng.

Abangu-129 baboshelwe ukuzama ukubululala, kwathi abangu-1 574 baboshelwe ukushaya ngenhloso yokulimaza.

"Abasolwa abangu-110 baboshelwe ukutholakala nezibhamu ezingekho semthethweni futhi iningi lalaba basolwa liboshwe KwaZulu-Natal (35)," kusho uBrigadier Mathe.

Uthe kushaqwe izibhamu ezingu-128, izinhlamvu ezingu-4 220, kwatholakala nezimoto eziduniwe nezebiwe ezingu-87.