ISISHABASHEKI sezamasiko nomculi uMbuso Khoza sikhala ngelumbo elenziwa wosaziwayo abashiya ubungoma
Image: FACEBOOK
SIPHILA esikhathini lapho abantu bevumeleke ukwenza noma yini abafisa ukuyenza, futhi ezikhawini eziningi akubi bikho muntu obabuzayo nobabeka icala ngezinqumo ezahlukene zabasuke benquma ukukwenza noma ukukuyeka ngaleso sikhathi.
Lokho kwenzeka eminxeni eyahlukene yempilo nakubantu abehlukene kubalwa nosaziwayo imbala. Okunye kokufakazela lokhu yisimemezelo esenzeke emasontweni ambalwa edlule sikasaziwayo wodumo lobungoma uTumi Motsoeneng, obaziwa ngelikaGogo Skhotheni.
Le ntokazi yathusa abaningi ngenkathi imemezela ukuthi ayisesona isangoma futhi ayisophinde yenze lutho oluyihlanganisa nezinto, imikhuba nendlela yokwenza yesintu kusukela manje kuqhubekela phambili.
Yathi lokho akupheleli lapho njengoba futhi isinqume ukungena igamanxe enkolweni yobuKristu, ikhonze iNkosi uJesu - isinqumo esathakaselwa futhi sanconywa ngabantu abaningi ikakhulu amakholwa enkolo yobuKristu, okwaziwayo ukuthi abaningi babo bavame ukubeka amabala ezintweni zesintu nendlela yokwenza eqhakambisa amasiko.
UGogo Skhotheni akayena usaziwayo wokuqala ukunquma kanjena njengoba emva kwakhe kulandele umrepha uGenesis Gabriella Tina Manney, owaziwa ngelikaGigi Lamayne - naye osanda kubhala emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana ukuthi useqoke iNkosi uJesu ukuthi ibe yiNkosi noMsindisi wakhe, ngakho akasezukwenza lutho oluhlangana nesintu.
UMREPHA uGigi Lamayne womunye wosaziwayo abasanda kumemezela ukuthi abasasezona izangoma
Image: FACEBOOK/GIGI LAMAYNE
UGigi Lamayne noGogo Skhotheni balandela ezinyathelweni zabanye osaziwayo nabo abake benza okufanayo okukhona kubona umlingisi wodumo lwakwiGenerations futhi ongumethuli wezinhlelo uThabiso Mokhethi nomlingisi uPalesa Madisakwane.
UMLINGISI uPalesa Madisakwane womunye wosaziwayo abake bamemezela ukuthi abasezona izangoma
Image: FACEBOOK
UMLINGISI nomethuli wezinhlelo zeithelevishini uThabiso Mokhethi womunye wosaziwayo abamemezele ukuthi abasezona izangoma
Image: FACEBOOK
Kuthintwa isishabasheki sezobuciko namasiko uMbuso Khoza, owaziwa ngokukhathalela izinto nezimisio zendlela yokwenza yesintu, uthe izinqumo zalabo saziwayo zikhombisa ukuthi babevele bengazi ukuthi benzani kusukela ekuqaleni ngenkathi bethabatha uhambo lobungoma.
“Yingakho manje sebeshintsha. Le nto abayishoyo nabayenzayo iwukuhhema nje kimina, ngizibonela abantu abadukile, abangazazi ukuthi bami kuphi nokuthi bangobani,” kusho uMbuso.
Lesi sishoshovu esinamava nasezomculweni wamahubo ne-jazz, siqhube sathi enye into edala ukuthi kube njena ezweni wukuthi abantu sebelawulwa wudumo nokufuna ukuhlale besematheni, okwenza ukuthi bagcine benza noma yini ezokwenza kukhulunywe ngabo.
UTUMI Motsoeneng owaziwa ngelikaGogo Skhotheni womunye wosaziwayo abasanda kumemezela ukuthi abasezona izangoma
Image: FACEBOOK
“Nokuthi bayazi vele ukuthi inkolo yobuKristu ikwezilandelwa kakhulu emhlabeni njengoba inabalandeli abangaphezu kuka-1 billion, ngakho bayazi ukuthi uma besho noma benza into ehambisana nayo vele bazothandwa futhi bavunwe ngalokho. Izinto ezinjena zidinga ukuhlalelwa phansi, kubhungwe ngazo ukuze singadukisani,” usho kanje.