OSESITHOMBENI uLinda 'Mjinja/Putin' Hlongwa, othungathwa amaphoyisa
Image: SITHUNYELWE
AMAPHOYISA aqale phansi nesicelo sosizo lomphakathi waKwaZulu-Natal ngomsolwa owaziwa ngelikaLinda “Mjinja noma Putin” Hlongwa okukholakala ukuthi wabulala isinqandamathe sakhe (22) nonina waso (52).
Laba kuvela ukuthi babulawelwa ekhaya labo ngoMashi 18, nonyaka, eNazaretha, Pinetown.
UHlongwa wake waboshwa ngoJulayi 20, 2020, etholwa nesibhamu kanye nezinhlamvu emgwaqweni uKuthula eSt Wendolins, eMariannhill.
OSESITHOMBENI ngLinda Hlongwa osolwa ngokubulala
Image: SITHUNYELWE
Wadedelwa ngebheyili kusalindwe imiphumela yokuhlolwa kwesibhamu, akaphindanga walubhada enkantolo. Yilapho-ke amaphoyisa akhipha khona izithombe zakhe emphakathini acela ukufuniswa yena.
Okhulumela amaphoyisa, uColonel Robert Netshiunda, uthe le nsizwa ephinde yaziwe ngelikaMjinja iyamaniswa nenqwaba yamacala okuqola futhi kunemibiko yokuthi iphinde isabise osomabhizinisi eMariannhill nasezindaweni ezakhelene nayo.
"INkantolo yeMantshi ePinetown yakhipha incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ngoSepthemba 9, 2024."
Amaphoyisa acela onolwazi ngaye, athinte uColonel Sikhakhane kule nombolo; 079 696 3546 noma asebenzise ethi: 08600 10111.