ISOLEZWE: Kuphume umphefumulo kutholana phezulu imoto yohlobo lwePolo neMercedes ngoLwesibili ekuseni kuN2 eZinkwazi
Image: IPSS Medical Rescue
KUPHAZAMISEKE ukuhamba kwezimoto ngengozi enyantisa igazi eyenzeke ngoLwesibili ekuseni kuN2 ngaseZinkwazi.
Le ngozi ishiye umshayeli nomgibeli oyedwa kuMercedes Benz belimele kabi, ngeshwa omunye umgibeli uphangalale khona endaweni yesehlo ngenxa yokulimala kabi. Emotweni yesibili yohlobo lwePolo umshayeli okungumuntu wesifazane ulimale kabi evaleleke emotweni.
"Kudingeke ukuba kubizwe ithimba labezicishamlilo kuzosetshenziswa udlawu ukuze akhishwe futhi wathola lokuqala olukhethekile," kusho abe-IPSS Medical Rescue Advanced Life Support.
Bonke abalimele baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene.
ISOLEZWE: Kudingeke udlawu ukuze kukhishwe owesifazane obevaleleke emotweni elimele kabi ngemuva kwengozi enyantisa igazi kuN2.
Image: IPSS Medical Rescue