Izindaba

Kuthungathwa imoto 'ephazamise' ibhasi kwadaleka isiphihli kuR21

Nonkululeko Nhlapo|Published

IMEYA  uMnuz Nkosindiphile Xhakaza, kaMasipala waseKurhuleni, itshele abezindaba ukuthi kuqinisekiswe abantu abangu-12 abashonele endaweni yesehlo, noyedwa oshonele esibhedlela iThelle Mogoerane Regional Hospital, eVosloorus. UXhakaza uthi bangu-77 abalimele ngezindlela ezahlukene abasezibhedlela ezahlukene.

Ngokusho kwemeya uphenyo luyaqhukeba ngoba olokuqala luveza ukuthi ibhasi okungelikamasipala waseKurhuleni, lifake amabhrekhi kungazelele nokuyinto edale ingozi.

"Kulindwe ubufakazi bamakhamera ngezinsolo zemoto okuthiwa iyona ephazamise ibhasi njengoba ligcine linqika izikhathi ezimbalwa ngaphambi kokulala ngohlangothi kuR21 bude-buduze nesikhumulo sezindiza, i-OR Tambo," kusho uXhakaza.

 

Kuthiwa bangu-77 abantu abasesibhedlela abalimale engozini yebhasi kuR21

Image: City of Ekurhuleni