Izindaba

Bafe ujuqu abebedubulana namaphoyisa eNanda

Nonkululeko Nhlapo|Published

Omakhelwane bebuka umuzi okubulawe kuwo abasolwa ababili eNhlungwane, eNanda isithombe: Boitumelo Pakkies

UPHENYO lwamaphoyisa lokuqala lukhomba ukuthi abasolwa ababili abafe bedubulana namaphoyisa eNhlungwane, eNanda, banokuxhumana neqembu lemigulukudu iWest okusanda kubulawa umholi walo ngesimo esifanayo sokudubulana namaphoyisa.

Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, amaphoyisa athole ulwazi kubahlali baseNanda, abagcina umthetho endaweni ngabasolwa abenza ubugebengu endaweni, amaphoyisa alandela lolo lwazi enza uphenyo lwawo oluveze ukuthi abasolwa bayathinteka emacaleni okubamba inkunzi eNhlungwane.

BAFE ujuqu bedubulana namaphoyisa eNanda isithombe: SAPS

Kuthiwa batholane phezulu ngenhlamvu namaphoyisa ngoLwesibili ekuseni, ngemuva kokuthi uphiko lwezobunhloli lulandele umkhondo wabo lwaze lwabavimbezela kulo muzi abatholwe kuwo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthi ngesikhathi amaphoyisa ememezela ukuthi akhona ngokungqongqoza emnyango, abasolwa baphendule ngenhlamvu amaphoyisa aphindisela.

“Ngesikhathi kudutshulwana kulimale abasolwa ababili abafele khona lapho, kwaboshwa umsolwa oyedwa ongazange alwe namaphoyisa,” kusho yena.

Uqhubeke wathi kutholakale izibhamu ezimbili endaweni yesehlo.