Izindaba

‘I-lifeguard ye-AK47’ ithole ibheyili ngokudubula uyise wengane

Nonkululeko Nhlapo|Published

UNOKULUNGA Mthethwa oyi-lifeguard kuMasipala uMsunduzi unikezwe ibheyili kaR2000 icala lakhe lahlehliselwa u-Ephreli 4 nonyaka

UVELE eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu owesifazane obhekene necala lokuzama ukubulala ubaba wengane yakhe.

UNokulunga Mthethwa oneminyaka engu-39 oyi-lifeguard kuMasipala uMsunduzi unikwe ibheyili kaR2000 icala lahlehliselwa u-Ephreli 4 nonyaka.

Kuthiwa le ntokazi yasiboleka esokeni layo isibhamu eyadubula ngaso uyise wengane nokuyisigameko esaqoshwa kwi-video esisabalele izinkundla zokuxhumana eqoshwe umuntu obesezindlini ezingenhla komgwaqo okwenzeke kuwo isigameko.

Kule video, kuvela umsolwa ephethe inhlokohlela yesibhamu ngesandla, umgilwa esevele elele phansi, kubonakala ukuthi usedutshuliwe.