Izindaba

Abe-MKP bazokweseka uZuma-Sambudla ngombhikisho

Published

UMHOLI we-MKP, uMnuz Jacob Zuma, nendodakazi yakhe uNkk Duduzile Zuma-Sambudla ezovela ngoLwesine, eNkantolo yeMantshi eThekwini Isithombe: SIGCINIWE

IZOKWESEKWA amalungu e-MKP indodakazi yomholi weqembu, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla, ezovela enkantolo ngecala lezibhelu zango-2021.

Amalungu e-MKP ahlele ukuba nombhikisho onokuthula ngoLwesine, ngaphandle kweNkantolo yeMantshi eThekwini, lapho kuzovela uNkk Zuma-Sambudla, oyindodakazi kaMnuz Jacob Zuma.

Ubuholi be-MKP esifundeni eThekwini, bumemezele ukuthi buzokuba nombhikisho onokuthula ngaphandle kwenkantolo.