Izindaba

Odokotela bakhala ngokuphendulwa omahlalela

Published

INGXENYE yodokotela abangaqashiwe abangaphansi kwenyunyana iSamutu Isithombe: SITHUNYELWE

INYUNYANA emele odokotela kuleli i-South African Medical Association Trade Union (Samutu) izoba nemashi namuhla ikhala ngokukhula kwesibalo sodokotela abangaqashiwe ezweni.

Le nyunyana izoba nemashi namuhla eMgungundlovu njengoba ikhala ngokuthi ukungaqashwa kodokotela kuleli kunomthelela wokungalethwa kahle kwezidingo zezempilo.

Okhulumela le nyunyana, uDkt Kenneth Sithole ekhuluma neSolezwe, uthe ngale mashi bahlose ukuthola izimpendulo mayelana nokungasebenzi kodokotela.

"Kufanele sithole izimpendulo ezifanele nezicacile mayelana nokungasebenzi kodokotela ekubeni isidingo sodokotela sisephezulu kakhulu. Kuzosiza ukukhanyisela umphakathi wonkana ngezinkinga ezibhekene nomkhakha wezempilo nokuthi uhulumeni akukho akwenzayo ukubhekana nalezi zinkinga," kusho uSithole.

Uthe ukungaqashwa kodokotela kusho ukuthi iziguli eziningi zisazophucwa ilungelo lazo lokuthola usizo lwezempilo.

"Iziguli eziningi zisazolinda isikhathi eside ngoba bambalwa odokotela abakhona. Lokhu kusho ukuthi iziguli zisazoshona ngenxa yezizathu zokufa ezingagwemeka ngenxa yokungabi bikho kodokotela ngezikhathi zezimo eziphuthumayo. Uhulumeni akenzi lutho ukubhekana nokushoda kwabasebenzi emkhakheni wezempilo," usho kanje.

Uthe imashi isemqoka kakhulu.

"Le mashi ibalulekile ngoba akuyona nje kuphela eyokulwa nokuntuleka kwemisebenzi yodokotela kodwa eyokukhulumela iziguli emakhaya okuyizo ezibhekene nemiphumela emibi ehambisana nalezi zinkinga ezingaxazululwa," ubeke kanje.

Uthe balindele ukuthi le mashi ibe nomthelela ikakhulukazi ekuqwashiseni umphakathi ngokunganaki kukahulumeni ekuxazululeni izinkinga ezibucayi futhi kwenze nohulumeni abone isidingo sokuthatha izinqumo ezifanelekile.

Babalelwa ku-630 odokotela asebeqeqeshwe ngokugcwele abangaqashiwe ezweni.