Izindaba

Indodana yomlingisi kwelokudlwengula

Nonkululeko Nhlapo|Published

INDODANA yomlingisi othandwa abaningi kuleli uSonia Mbele, owayedlala indawo kaNtombi Khumalo kwiGenerations, uDonell Mbele (23), ivele phambi kweMantshi yaseRandburg ngamacala okudlwengula.

Leli bhungu libhekene namacala amabili okudlwengula, avezwa yintombi yalo ngoNovemba 2022, nge-video eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana lapho yayikhihla esikaNandi isola uDonelle ngokuyishaya.

Izigigaba zikaDonell zaphoqa unina ukuba akhiphe isitatimende njengoba abantu abaningi babemsola ngokungafaki indodana yakhe emgqeni.

Esitatimendeni uSonia uyacacisa ukuthi intombi yendodana, wayamukela ngesihle ekhaya lakhe futhi eyisiza nangomsebenzi wayo kwezikaqedisizungu. Uthi kwaba buhlungu ukubona intombi isifake i-video ikhala ezinkundleni zokuxhumana ingakaze ikhulume naye ngezinkinga ebhekene nazo.