Izindaba

Ziyanda izidumbu ezikhishwa eStilfontein kutakulwa amaZama-Zama

Nonkululeko Nhlapo|Published

UYAQHUBEKA umsebenzi wamaphoyisa wokutakula abavukuzi abangekho emthethweni.

Ngokombiko wamaphoyisa, ngosuku lwesibili lomsebenzi, kukhishwe abavukuzi abayi-109 futhi baboshelwa ukumba izimayini ngokungemthetho. Abangu-51 kubo bakhishwe sebeshonile.

Ukuhlukaniswa kwabo ngobuzwe kumi kanje:

AbaseMozambique: 67

AbaseLesotho: 26

AbaseZimbabwe: 11

AbaseNingizimu Afrika: 2

Osekwenzekile kusukela ngo-Agasti 2024 kuya ngeSonto, 12 Januwari 2025:

▶️Ukuboshwa:

Bangaphezu kuka-1 576 abavukuzi abangekho emthethweni asebeboshiwe ngaphambi kokuthi kuqalwe umsebenzi wokumba. Ababoshiwe bahlanganisa lezi zizwe ezilandelayo: Abangu-997 ababoshiwe ngabaseMozambique, abangu-427 ngabaseZimbabwe, abangu-118 badabuka eLesotho, abangu-21 ngabaseNingizimu Afrika, kanti oyedwa ungowaseMalawi, omunye ungowaseCongo. Abavukuzi abangu-1 540 abangekho emthethweni basagcinwe esitokisini samaphoyisa.

Abavukuzi abangu-121 abangekho emthethweni sebebuyiselwe emazweni akubo okungukuthi abaseMozambique abangu-80, abaseBasotho, abangu-30, abantu baseZimbabwe abangu-10 kanye noyedwa waseMalawi.

Abangu-46 sebevele betholwe benecala lokumba izimayini ezingekho emthethweni, ukuphazamisa ukusebenza komthetho kanye nokwephula umthetho wabokufika. Inkantolo ikhiphe isigwebo sika-R12 000 noma izinyanga eziyisithupha ezilengiswe ngokuphelele ejele iminyaka emihlanu ngaphansi kwemibandela yokuthi bangatholwa benecala elifanayo.

️Impahla eshaqiwe selokhu kwaqala ukusebenza eStilfontein (Disemba 2024) zihlanganisa ngaphezu kuka-640 kg wempahla enegolide, u-6.2 kg wegolide elicwengiweyo, iziqhumane, izibhamu, nemali elinganiselwa kuR52.49 million.