Izindaba

Kuqopheke umlando imiphumela #Matric2024 inyuka ihlala ku-87.3%

Nonkululeko Nhlapo|Published

UNGQONGQOSHE wemfundo eyisisekelo uNksz Siviwe Gwarube uncome abafundi ababekeze kwaze kwaba yisekugcineni ekhipha imiphumela ka-matric wango-2024.

UNGQONGQOSHE wemfundo eyisisekelo uNksz Siviwe Gwarube uncome abafundi ababekeze kwaze kwaba yisekugcineni ekhipha imiphumela ka-matric wango-2024.

Imiphumela inyukile isuka ku82.9% ngo-2023 kuya ku-87.3% ngo-2024. Okuncomekayo wukuthi zonke izifundazwe zenzekahle kakhulu iFree State iyona ehamba phambili.

Ngokombiko kaMalusi bangu-880 209 abafundi ababhalisela leli kilasi ezikoleni zikahulumeni, kodwa bangu-810 900 abakwazile ukubhala izivivinyo zabo.

Imiphumela ngokwezifundazwe:

Amadolobha ahamba phambili, iJohannesburg West eGauteng, iFezile Dabi eFree State noMkhanyakude KwaZulu-Natal ngokulandelana kwawo