Izindaba

Kuzophenywa ngomlilo oshiye dengwane abahlali basemijondolo

Zimbili Vilakazi|Published

ISHE yangqongqa imijondolo esemgwaqweni uForeman, eClare Estate, eThekwini Isithombe: SITHUNYELWE

BAWUQALE kabi unyaka abahlali basemijondolo esemgwaqweni uForeman, eClare Estate, eThekwini, beshelwa izakhiwo zabo ngoNcibijane.

Kulesi sigameko, kushe kwangqongqa imijondolo engu-43, kwasala abantu abangu-83 bengenazo izindawo zokufihla amakhanda.

Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Mdu Ncalane uthe uphiko lwezinhlekelele eThekwini luzophenya kabanzi ngembangela yomlilo oshiye kukhalwa.

ISHE yangqongqa imijondolo esemgwaqweni uForeman, eClare Estate, eThekwini Isithombe: SIGCICNIWE

Ngokusho kwakhe, kwabakhahlamezekile kukhona nezingane ezincane.

“Ngenhlanhla abekho okubikwe ukuthi bashonile noma balimele,” kusho uNcalane.

Uqhube wathi abezimo eziphuthumayo benze konke okusemandleni ukucima umlilo nokulekelela labo abakhahlamezekile.

“Okwamanje ayikaziwa imbangela yomlilo, abethimba lezinhlekelele basazoyiphenya,” kusho uNcalane.

Uveze ukuthi bakhona abezinhlangano ezingenzi nzuzo abese besondele kule ndawo ukuzonikezela ngosizo olwehlukahlukene kulabo abagilekile.

Uthe inombolo yokubika ngezigameko eziphuthumayo kumasipala ithi 031 361 0000, kanti umphakathi ungayisebenzisa noma inini.