Izindaba

Uyaphawula obonakale kwi-video exakazisana nabasebenzi ebhanoyini

Intatheli YeSolezwe|Published

UNobuntu Mkhize nesoka lakhe uKhazi Phakama Sphezulu Mthalane Isithombe: Facebook

Owesifazane okuthiwa ubengalawuleki ebhanoyini ebelisuka eThekwini liya eKapa ngoLwesine, uthi ubehlaselwa nesoka lakhe.

UNksz Nobuntu Nobs Mkhize ubhale ekhasini okukholakala ukuthi ngelakhe kuFacebook ngoMgqibelo ebonga ukwesekwa.

I-video yakhe isematheni ezinkundleni zokuxhumana. Ubonakala kungathi abasebenzi basebhanoyini bazama ukumbamba bambophe izandla kodwa uyangqabashiya athuke nenhlamba.

Kuze kuqhamuke owesilisa ofike athethise abanye abagibeli abazama ukusiza abasebenzi bese ehlala eduze kwakhe emcela ukuthi ehlise umoya.

Umbhalo ofakwe wuNobs Mkhize kuFacebook

Lona wesilisa uyefana nesoka lakhe uKhazi Phakama Sphezulu Mthalane, alifake kuFacebook.

Ephawula uNobs, okuthiwa uyindodakazi yoqweqwe lwentatheli engasekho uKhaba Mkhize, uthe yena nesoka lakhe bebehlaselwa ebhanoyini.

“Abammeli bami baphezu kwalo udaba,” kubhala yena.

IFlySair ibingakaphawuli ngalolu daba.

Abanye abantu ezinkundleni zokuxhumana bathe i-Airports Company South Africa neFlySair, kumele yenze ngaye isibonelo ngoba indlela aziphathe ngayo ayemukelekile.