Izindaba

Sehlile isibalo sezingane ezibelethwe ngoKhisimusi kuleli

Mhlengi Shangase|Published

Undunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, enoMphathiswa wezeMpilo esifundazweni uNksz Nomagugu Simelane neMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba bevakashele omunye wesifazane obelethe ngoKhisimusi Isithombe:KZNGOV

Sehlile isibalo sezingane ezibelethwe ngosuku lukaKhisimusi kuleli uma kuqhathaniswa neminyaka edlule.

Umnyango wezeMpilo kuleli uveze ukuthi kulo nyaka, zingu-1 360 izingane ezibelethiwe ezikhungweni zezempilo kuleli.

Esitatimendini uveze ukuthi ngo-2023, zingu-1 708 izingane ezabelethwa ngoKhisimusi.

“Ayisithupha amawele amukelwe ngempumelelo ngalolu suku. Ingane yokuqala ibelethwe esibhedlela oSindisweni eThekwini ngo-12 ebusuku, elandelayo yabelethwa kusadlule umzuzu owodwa kushaye u-12 ebusuku, esibhedlela iNkhensani, eLimpopo.”

Isitatimende sithe isifundazwe iGauteng isona esibe nesibalo esiphezulu sezingane ezibelethiwe ngezingu-393.

Silandelwa i-Eastern Cape, ngezingu-196, bese kuthi iWestern Cape neLimpopo zibambane ngezingane ezingu-172, isifundazwe ngasinye.

EMpumalanga zingu-152, eNorth West zingu-102, eFree State zingu-79, kuthi iNorthern Cape zibe ngu- 49.

Izibalo zezingane ezibelethiwe bezimi ku-42 KwaZulu-Natal, njengoba bekusalindwe izibalo zokugcina.

Kube nesikhalo ngezingane ezibelethe zincane.