Izindaba

SIGOQA UNYAKA: I-ANCYL ifuna kungafihlwa lutho ngo-R500m owabelwe izipaza

Intatheli YeSolezwe|Published

I-ANCYL ifuna kungafihlwa lutho ngo-R500m owabelwe izipaza isithombe: Itumeleng English/ Independent Newspapers

I-ANC Youth League (ANCYL) ifuna konke kucace bha okwekati elimhlophe ehlungwini mayelana no-R500 million ozosetshenziswa ukuxhasa izipaza zaseNingizimu Afrika.

Lolu phiko lwentsha luthe akukacaci ngohlelo lwalabo abazohlomula kule mali, lwathi lokhu kwenza kube nongabazane ngenqubo ezosetshenziswa.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa umemezele ngenyanga edlule ukuthi kuzosungulwa isikhwama sika-R500 million esizosiza osomabhizinisi abancane emalokishini nabasemakhaya, okuhlanganisa nezipaza. Lesi kuzoba yisikhwama esihlanganyelwe esizobe siphethwe wuMnyango wezoHwebo, iziMboni, nokuNcintisana noMnyango wokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amaNcane.

I-ANCYL ifuna kucaciswe izinto nje, yingoba phambilini abantu baseNingizimu Afrika, bebone lukhulu ngenkohlakalo nxa kufakwa imali ezinhlelweni ezithile wuhulumeni. Ngesikhathi kuhlasele ubhubhane lwe-Covid-19 kwasala kukhalwa ngenkohlakalo, izizumbulu zemali sezehliswe ngemilenze.

UNobhala we-ANCYL eGauteng, uNksz Mpume Sangweni, uthe ingxenye yalolu xhaso kumele iye kwizipaza eziphethwe yintsha.

"Kuyinto ebaluleke kakhulu ekubhekaneni nokuntuleka kwemisebenzi entsheni nasekubekeni abantu abasha njengababambe iqhaza ekufukuleni umnotho. Lesi sinyathelo kufanele sibe yimbangela yoguquko oluphusile kwezomnotho ezinguquko kwezenhlalo. I-ANCYL eGauteng itusa uhulumeni ukuthi afake isandla ngokushesha aguqule indlela yokusebenza kwezipaza nokuthi zibhaliswe" kusho uNksz Sangweni.

Uthe uphiko lwentsha lukhathazekile ngezinselelo zokubhalisa izipaza nesikhathi ebesinqunyiwe njengoba sigcine sihlehliselwa uFebhuwari 28.

"Nakuba inhloso yokubhaliswa kwezipaza incomeka, ukubulawa kwabantu kube yinhlekelele kwezokuphatha, eveza nenkohlakalo, ukungasebenzi ngendlela kukahulumeni ezingeni lomasipala. Yize kungathi ukulandelwa komthetho kubukeka kuyikhambi, kodwa iziphathimandla ziyaqhubeka nokushaya indiva imigoqo yesakhiwo ephazamisa ukukhula komkhakha ongekho emthethweni," usho kanje.

Uthe okukhathaza kakhulu izigameko zezakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezibhalisa amabhizinisi egameni labantu bangaphandle abangenazo izincwadi. Uthe lokho kuveza obala ukungalingani emnothweni nokungabi namthetho kwezwe.

Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho eGauteng, uMnuz Lebohang Maile esitatimendeni asikhiphe muva nje, uthe ukuhlomula okuhle kwemiphakathi yaseNingizimu Afrika yinto esemqoka kuhulumeni.

"Yize sizibophezele kakhulu ekukhuliseni umnotho, kodwa sizimisele nakakhulu ukuthi lokhu kukhula kuhlanganise wonke umuntu futhi kungashiyi ngaphandle izakhamuzi zezwe lethu. Ukugcizelela kwethu ukuthi kulandelwe imibandela kuncike ezinhlosweni zokwakha umnotho okhulela ezandleni zemiphakathi yaseNingizimu Afrika, futhi lokhu kudinga ukulandelwa ngokuqiniswa komthetho, ongagcini ngokuvikela kuphela kodwa ohlomisa nezakhamuzi ngamandla," kusho uMaile.

Uthe uhulumeni waseGauteng uyalwazi usizi abantu baseNingizimu Afrika ababhekene nalo kulesi simo somnotho esinzima.

Cishe zonke izifundazwe zinenselelo yokuvela kwezinsolo zokuthi kunabantu abadakuka kukeli abazama ukuzisa abokufika ukuba babhalise izipaza. Abanye bayazibhalisa bese beziqashisela abokufika futhi okuthiwa basezweni ngokungemethetho.