Izindaba

Kubekwa ‘uBhejane’ endlini yakhe yokugcina

Sabelo Nsele|Published

UZOFIHLWA namhlanje obeyimeya yaseNkandla, uMnuz Mbhekiseni ‘Bhejane’ Biyela, oshone ngoMsombuluko Isithombe: FACEBOOK

UZONGCWATSHWA namhlanje loyo obeyimeya kaMasipala waseNkandla, uMnuz Mbhekiseni “Bhejane” Biyela, oshone ngoMsombuluko.

Inkonzo yokugcina kaBiyela izokuba seNkantolo yeNkosi, eMahlayizeni.

UBiyela ushone emva kokuxinwa ukugula okumbambe isikhathi eside.

Lo mholi uzalwa ebukhosini baseMahlayizeni, obuphethwe Inkosi uBhekizizwe Biyela, khona eNkandla.

Umngcwabo wakhe kulindeleke ukuthi uhanjelwe izikhulu eziqhamuka emikhakheni eyehlukene okubalwa abaholi bezepolitiki nabaholi bendabuko.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal futhi onguSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, ukuqinisekisile ukuthi uzowuhambela umngcwabo kaBiyela.

UBiyela wathatha isikhundla sobumeya emva kokushiya kukaNtuli, owayeseqokelwe kwesemeya kuMasipala iKing Cetshwayo ngaphambi kokudlulela kwesokuba ngundunankulu.

UNtuli uthe balahlekelwe kakhulu ngokushona kukaBiyela.

“UMasipala waseNkandla nohulumeni waKwaZulu-Natal ulahlekelwe, kuzozwela kakhulu ebantwini baseNkandla. Egameni likahulumeni waKwaZulu-Natal sifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini, abangani nakubo bonke abantu baseNkandla kulesi sikhathi esinzima.”

UNtuli uthe uBiyela ubezinikele emsebenzini wakhe.

“Njengemeya yaseNkandla ebiphinde futhi ibe unobhala wesifunda, uBiyela ubesebenza ngokuzikhandla, akekho esimfanisa naye. Ukuqotho bakhe, ukuziphatha kahle kanye nokuba isibonelo esihle kwenze ukuthi babe baningi ababukela kuyena.

“Ubehlezi efuna ukubona indawo yaseNkandla ithuthuka, efuna ukubona impilo yabantu baseNkandla zithuthuka. Siyohlezi simkhumbula ngokuzinikela kwakhe kanye nangokulwela kwakhe ukushintsha impilonhle kubantu.”

UBiyela ubeyikhansela le-IFP. Amaqembu i-IFP ne-ANC ancome amagalelo akhe.