Izindaba

Uthando lwabafi beluhaqwe yizinkinga

Zimbili Vilakazi|Published

UTHANDO lwabafi oMnuz Sibusiso Lawrence Ntaka noNksz Nontobeko Cele belugubuzelwe yizinkinga nesikhwele esingalawuleki.

* Bobabili kuvela ukuthi bebengathembani, bekhwelezelana, omunye ehlala efuna ukuthi omunye aveze ubufakazi bokuthi lapho ekhona akenzi lutho olubheke eceleni.

* Bekushunqa intuthu yokuthi nakuba uthando luhambe lwaze lwafika ekutheni babe umyeni nengoduso kodwa ingane eyavela bethandana akuyona eyabo bobabili.

* NgoMeyi nonyaka umyeni wayishayisa ngemoto ingoduso, emva kwengxabano, yalimala kanzima yaze yayolala esibhedlela.

* Kuvele nangesigameko okuthiwa senzeka emqashweni kathisha KwaDukuza lapho umndeni wengoduso uthe wayikhiphela ummese, owomyeni uthi ingoduso yawutshela ukuthi usacaze ipuleti phansi ediniwe, wangayikhuluma eyokukhishelwa ummese.

UMUFI uNksz Nontobeko Cele
UMUFI uMnuz Sibusiso Lawrence Ntaka