Izindaba

Amasu okuvika imigulukudu kula maholidi

Nonkululeko Nhlapo|Published

Amasu okuvika imigulukudu isithombe: Sithunyelwe

YISIKHATHI samaholidi, kwabaningi, lokho kusho ukuthi yisikhathi sokuphumula nokungcebeleka nomndeni nabangani. Kulapho futhi abakhwabanisi beqinisa imizamo yabo ngoba abantu abaqaphile futhi ukuthola amabhonasi kubenza bakhululeke kakhulu ngemali.

Ngokombiko we-South African Banking Risk Information Centre’s (SABRIC) 2023 Annual Crime Statistics Report, ukwanda kobugebengu bezezimali kwenze ezomnotho zalahlekelwa yimali elinganiselwa ku-R3.3million. Lokhu kwenziwa ukunyuka kakhulu kobugebengu obenziwa nge-internet.

Izigebengu seziqalile ukusebenzisa ubuchwepheshe obuthuthukisiwe njenge-generative AI ukuze zenze izinhlelo eziningi neziseqophelweni eliphezulu zokukhwabanisa, ezihlanganisa ama-email omgunyathi enziwe sengathi aphuma ezinkampanini ezinkulu kanjalo nama-sms athunyelwe komakhalekhukhwini anama-link.

Abakhwabanisi ngokuvamile bazama ukuthola i-PIN yakho noma i-password yesikhashana (OTP) ukuze bantshontshe imali kwi-akhawunti yakho yasebhange noma benze uveze imininingwane yakho siqu ukuze ufake isicelo semalimboleko egameni lakho.

UGavyn Letley, ovela enkampanini ebolekisa ngemali eyisipesheli i-DirectAxis, uthe: “Ngenxa yokuthi izigebengu zihlala zishintsha ayikho indlela ‘engenangqondo’ yokugwema imikhonyovu. Wonke umuntu usengozini, kodwa unganciphisa amathuba okuba ubanjwe ngokuqapha.”

Nakhu okufanele ukubheke nezinye izindlela zokugwema imikhonyovu evamile:

Qinisekisa ngaphambi kokwethemba:

- Hlola ubuqiniso bezingcingo, imiyalezo, noma ama-email ashaya sengathi avela emabhange, abathengisi, noma abahlinzeki bezinsizakalo ngaphambi kokukhipha noma yiluphi ulwazi. Ungakhiphi imininingwane yakho siqu ocingweni ngisho noma ofonayo ethi uvela ebhange noma inkampani ye-IT.

- Ungachofozi ama-link kuma-email noma imilayezo ye-SMS. Xhumana nabo usebenzisa imininingwane yokuxhumana esemthethweni, hhayi leyo enikezwe emilayezweni.

- Ungakhohliswa ngemilayezo ethi uwine umklomelo, imali oyizuza njengefa, noma ufanelekile ukubolekwa imali enenzalo encane.

Ungabelani ngolwazi lomuntu siqu:

– Ungalokothi unikeze noma ubani ipasswordi yakho, i-PIN noma i-OTP, ngisho noma ethi uvela ebhange noma enkampanini enegama elihle.

– Ungabelani ngenombolo yakho kamazisi, ikheli, noma olunye ulwazi lomuntu siqu ezinkundleni zokuxhumana.

– Ungawalahli amaphepha aqukethe imininingwane yomuntu. Wadabule lapho kunemininingwane kamazisi noma uwashise.

Hlakanipha ngezinkundla zokuxhumana:

– Thenga kuphela kuma-website ahloniphekile anezindlela zokukhokha ezivikelekile (bheka okuthi ‘https’ kwi-URL nesithonjana se-padlock).

– Sebenzisa amagama ayimfihlo kuma-akhawunti akwi-internet okuyinhlanganisela yezinhlamvu ezinkulu nezincane, izinombolo, nezimpawu.

– Nika amandla ukuqinisekisa kwezinto ezimbili lapho kunokwenzeka khona okungaba yinombolo yeselula ne-email.

– Gcina amakhadi akho asebhange nama-divice eselula kuphephile. Ikakhulukazi lawo asetshenziselwa ukubhanga nge-internet. Bika futhi uvimbele noma imaphi amakhadi alahlekile noma antshontshiwe ngokushesha.

– Ungavuli ama-app ebhange lakho noma imininingwane eyimfihlo kwi-internetlapho usebenzisa khona i-Wi-Fi yomphakathi. Sebenzisa i-VPN uma kudingeka.

– Qinisekisa ukuthi ufaka i-software ethembekile yokulwa namagciwane ekhompyutheni noma kwiselula yakho.

– Ungalokothi uvumele abantu abangagunyaziwe ukuthi bafinyelele kuma-divice akho bekude.

– Ungavumeli abantu abangagunyaziwe ukuthi bangene endlini yakho noma kuma-divice ngisho noma bethi bangochwepheshe.

Qapha lokhu:

– Qaphela izicelo zokukhokha eziphuthumayo zezimpahla noma amasevisi ongazange uwa-ode, nezindlela zokukhokha ezingavamile njengamakhadi esipho, i-cryptocurrency, noma ukudluliselwa ngezintambo. Lezi ezivame ukusetshenziselwa imikhonyovu.

– Abakhwabanisi basebenzisa ukuthakazelelwa ngezicelo zezinhlangano ezisiza umphakathi ezingelona iqiniso. Nikela ngokuqondile ezinhlanganweni ezaziwayo esikhundleni sokuphendula izicelo ezingahleliwe.

– Qaphela izicelo zokukhokha kusengaphambili zezimpahla, namasevisi noma ukukhulula imiklomelo noma ezinye izimali.

– Bheka amaphutha okupelwa kwamagama, ama-logo aphelelwe yisikhathi, amakheli e-email angajwayelekile noma izizinda ze-email okungezona ezebhizinisi njenge-G-mail kwezokuxhumana.

Hlala ubheka isimo sakhe sezimali:

– Hlola njalo ama-akhawunti akho asebhange kanye nemibiko yezikweletu ukuze uthole okwenziwayo okungagunyaziwe noma izinguquko ezingalindelekile. Amathuluzi amahhala afana ne-Pulse (https://www.directaxis.co.za/pulse) akuvumela ukuthi uhlole isilinganiso sakho sesikweletu kaningi ngokuthanda kwakho.

– Bika noma yimuphi umsebenzi osolisayo ebhange lakho noma umhlinzeki wosizo lwezezimali. Iminyango yokukhwabanisa ingasiza ekuphenyeni nasekuvaleni ama-akhawunti omkhonyovu noma ama-website.

Ngolunye ulwazi olwengeziwe ngena ku-https://www.directaxis.co.za/make-a-plan/how-to-spot-a-scam