Izindaba

SIGOQA UNYAKA: Bangu-91 abafundi abadlwengulwe ezikoleni

Charles Khuzwayo|Published

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uSenzo Mchunu wethule izibalo zobugebengu obenzeke ngekota yonyaka Isithombe: Sibonelo Ngcobo / ANA

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, uthe amaphoyisa akuleli abhekene nenselelo enkulu ekulweni nobugebengu eNingizimu Afrika. UMchunu ukhulume kanje ngesikhathi ethula izibalo zabantu ababulawe kuleli phakathi kuka-Ephreli noJuni kulo nyaka.

Ungqongqoshe udalule ukuthi babalelwa ku-6 198 abantu abashone ngenxa yesandla somunye umuntu. Uthe lezi zibalo zisho ukunyuka kwezinga lobugebengu, okubalwa kubo ukubulala, ukudlwengula nokuthunjwa kwabantu ngenhloso yokuqola izihlobo imali.

Eqhuba uthe angu-9 300 amacala okudlwengula abikiwe, kwathi awokudunwa kwezimoto aba ngu-5 400 bese awokubanjwa kwemoto yemali abalelwa ku-36.

UMchunu uthe zine izifundazwe kuleli ezinyukelwe ngamacala okubulala, okuyi-Western Cape, Limpopo, North West ne-Eastern Cape. Zingu-30 iziteshi okubikwe khona amacala amaningi ezifundazweni ezine. Esigenqeza phambili esaseNyanga, eWestern Cape, kulandele esaseMlaza nesaseNanda, okungezaseKZN kanye nesaseKhayelitsha nesaseHarare eWestern Cape.

Izigameko zokuthelwa ngoyaba lwezinhlamvu kwabantu zenzeke eKZN nase-Eastern Cape. Zingu-91 izigameko zokudlwengula ezenzeke ezikoleni kanti ziwu-12 ezokubulala ezibikiwe.