Izindaba

Isililo kushona imeya ebixinwe ukugula

Sabelo Nsele|Published

IMEYA kaMasipala waseNkandla, uMnuz Mbhekiseni Biyela, oshonile Isithombe: Facebook

SIKHULU isililo ngokushona kweMeya kaMasipala waseNkandla, uMnuz Mbhekiseni ‘Bhejane’ Biyela.

UBiyela ushone emva kokuxinwa ukugula obese kumbambe isikhathi eside.

Umndeni kaBiyela, umasipala, neqembu ayilungu lalo i-IFP, bebengakaphawuli ngokushona kukaBiyela.

Ikhansela lakuMasipala waseNkandla nesinye sezikhulu zomkhandlu batshele Isolezwe ukuthi basalinde ukuthi kwaziswe wonke umndeni ngaphambi kokuthi kwenziwe isimemezelo.

UBiyela uzalwa ebukhosini baseMahlayizeni, obuphethwe inkosi uBhekizizwe Biyela, khona eNkandla.

Usihlalo we-IFP KwaZulu-Natal ophinde abe undunankulu wakulesi sifundazwe, uMnuz Thami Ntuli, kulindeleke ukuthi ayohlanganisa amehlo nomndeni kusasa.