Izindaba

Iphoyisa liboshelwe elinye icala livele lisezikhindini

Nhlakanipho Mnqayi|Published

U-SERGEANT Ntokozo Mngqithi oboshelwe icala lokukhwabanisa Isithombe: SITHUNYELWE

U-SERGEANT Ntokozo Mngqithi ovele usezikhindini ngecala lokubulawa kwengoduso yakhe u-Sgt Ntombi Mbanjwa uboshelwe elinye icala lokukhwabanisa elenzeka ngoNovemba 22.

UMngqithi (34) uboshelwe icala lokukhwabanisa nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho okuthiwa kwenzeke ngenkathi ephenya icala lokubulala ngokungenhloso engozini lapho iloli lashayisana nemoto encane. Kwashona abantu abangu-7 engozini.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe uphiko loKlebe ePort Shepstone oluphenya ngobugebengu obuhleliwe, kusolakala ukuthi uMngqithi wafuna intshontsho lemali engu-R60 000 kumshayeli weloli ukuze adukise idokodo.

“Impela ubufakazi obubalulekile abulethwanga ngaphambi kwenkantolo yize imiyalelo eminingi ethinta idokodo yayisho njalo. Ube esesenga ezimithiyo ngalobo bufakazi, icala lachithwa.

“Lelo dokodo lecala labe selinikwa omunye umphenyi owathola ukuthi uMngqithi ube nokwenzelela. Ngesikhathi kuqhubeka uphenyo loKlebe kube sekutholakala ukuthi uMngqithi wakhokhelwa imali engaphezu kuka-R30 000 kwi-akhawunti yakhe yasebhange. Ube esevela kafushane eNkantolo yeMantshi eMzimkhulu ngoLwesibili wagcinwa esitokisini,” kusho isitatimende.

Icala lihlehlele uDisemba 19 ukuze acele ibheyili.

Umphathi woKlebe KwaZulu-Natal uMajor General Lesetja Senona ukwamukele ukuboshwa kukaMngqithi waphinde wancoma umsebenzi omuhle owenziwe amaphoyisa.

“Sizobhekana ngqo nokukhwabanisa ngaphakathi emaphoyiseni ngoba lokho kungcolisa igama lamaphoyisa aseNingizimu Afrika kuphinde kuqede ukwethenjwa kwawo umphakathi,” kusho uSenona.