UTHISHANHLOKO waseMenzi High eMlaza, uNkk Nozipho Ndlanya, nendondo abuye nayo emcimbini obuhlelwe nguMnyango weMfundo eyisiSekelo, ngokuqwaqwada zonke izikole zakuleli ezingu-Quintile 3 ngokwenza kahle Isithombe:SITHUNYELWE
LUTHELA izithelo uhlelo lwesikole esinomlando wokuhlale sithola u-100% kwa-matric, iMenzi High eMlaza, eThekwini, sabafundi abafundisana bodwa.
Lesi sikole okufundwa kuze kuphothulwe izivivinyo zika-matric, siqwaqwade zonke izikole zakuleli ezingu-Quintile 3 (abafundi abangayikhokhi imali esikoleni), ngokuhlabana ngendondo yokuba yisikole esenza kahle kuleli qoqo lezikole.
Nyakenye, sizigqaja ngokuthola o-Distinction abangu-593 emiphumeleni ka-matric.
Uthishanhloko walesi sikole, uNkk Nozipho Ndlanya, okunguye obuye nale ndondo emcimbini obuhlelwe nguMnyango weMfundo eyisiSekelo kuzwelonke muva nje obuseGoli, uthe bajabule ngokuthi umnyango, uyawubona umsebenzi owenziwa kulesi sikole.
Uthe ukuzinikela kothisha abambisene nabo yikhona okwenza bahlale benemiphumela emihle minyaka yonke.
“Ngaphandle kothisha abazinikelayo, ngabe asiyitholi le miphumela, ukunconywa nezindondo. Yibona abawumgogodla wakho konke. Nokuzinikela kwabafundi kuyasisiza ngoba kwenza umsebenzi wethu ube lula.”
Uthe banezinhlelo eziningi abazenzayo ukuze abafundi babo benze kahle.
“Sinabafundi abayisikhombisa abaphase ngamalengiso, bathola o-A kuzona zonke izifundo kwa-matric. Kukhona nabadabule ithothali kwi-Accounting. Abafundi abangu-40 kwa-matric nyakenye, bathole u-80% kuya phezulu ezifundweni zabo.”
Uthe okunye okubasebenzelayo ukuthi kuthi kuqala unyaka ube uqala umshikashika wokufundisa ukuze kushaye u-Agasti, babe sebebuyekeza.
“Siyaluncoma nohlelo lokufukula abafundi abakwazi ukuzimela. Kunabafundi abathatha izintambo bafundise abanye ozakwabo uma uthisha engekho. Lokhu kwenza ukuthi bakwazi ukuqonda izinto ezithile.”
Uthe abafundi bakwaGrade 9, bafundisa abakwaGrade 8, wathi ngale ndlela kuba lula ukuqonda izinto ezifundwayo.
UNkk Ndlanya ubalule nokuthi inqwaba yababefunda kulesi sikole, bayabuya uma sebeqeqeshelwa ukufundisa bazokwenza lo msebenzi kulesi sikole.
“Abanye bagcina sebeqashwa ngoba bazi nendlela isikole esenza ngayo izinto. Cishe u-30% kuya ku-40% wothisha abafundisa eMenzi, babefunda khona,” kuqhuba uNkk Ndlanya.
Lesi sifundazwe sibuye nenqwaba yezindondo ezinye zazo bekungezokubungaza iqhaza labaqondisi bezifunda zomnyango.
Abanye babo kubalwa owaseMkhanyakude, uMnuz Mjozi Motha.
UMphathiswa wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Sipho Hlomuka, uhalalisele izikole nabaqondisi bezifunda ababuye nezindondo kulo mcimbi.
UHlomuka ubeyingxenye yalo mcimbi ehamba nenhloko yomnyango, uMnuz Nathi Ngcobo.
Related Topics: