Izindaba

Uyaphothula ‘umngani kaMadiba’ omhlophe owabalekela ukuthwasa

Charles Khuzwayo|Published

UMnuz Gary "Dabulamafu" Bedell

INTAKA ibekelwe amazolo KwaPata, eMgungundlovu, namhlanje njengoba kuphothula ithwasa elimhlophe elafakwa ugqozi wumengameli wokuqala wentando yabantu uNelson Mandela.

Yize zanda izangoma ezimhlophe kodwa uMnuz Gary "Dabulamafu" Bedell (70), odabuka eCanada, uhlukile kozakwabo ngenxa yobudlelwano bakhe nababeyizishoshovu zomzabalazo kuleli.

Phakathi kwabaholi bakuleli abangasekho kubalwa umengameli wokuqala omnyama waseNingizimu Afrika, uMnuz Nelson Mandela, owayengunobhala jikelele we-SACP uMnuz Chris Hani nowayengunobhala jikelele we-ANC uMnuz Walter Sisulu.

UDabulamafu, uzophothula ubungoma emuva kweminyaka ewu-30 athwasa, wahlangana noMandela ngo-Ephreli 1990 emuva kwezinyanga ezimbili ekhululwe etilongweni.

Isolezwe lithole ukuthi uDabulamafu wahlela uhambo lokuqala lwaseCanada lukaMandela futhi wamphelezela kulolo hambo. Ubuhlakani bakhe bamchaza uMadiba kangangoba waze wambambisa iqhaza ethimbeni labaqaphi bakhe ngesikhathi elibangise e-United States.

Kuthiwa uMadiba wagcina enxuse undunankulu waseCanada, uMnuz Brian Mulroney ngo-Agasti 1990 ukuba avumele uDabulamafu ukuba abambe iqhaza ezingxoxweni ezaziphakathi kwabo nohulumeni kaMnuz FW de Klerk.

Ubudlelwano bukaDabulamafu noMadiba baqina kakhulu kangangoba wagcina esesiza uMandela ukuxhumana noMengameli wase-USA, uMnuz George W Bush. UBedell wabuye wabamba elikhulu iqhaza ekuqinisweni konswinyo kuhulumeni wobandlululo.

UDabulamafu uveze ukuthi nguMandela owamsiza ukuze ahlangane nogobela wakhe wokuqala waseSoweto ongasekho emhlabeni, uMnuz Horatio Zungu.

UDabulamafu uchaze uZungu, oshone ngo-2020, njengesangoma esamfundisa ukubhula ngamathambo. Uthe wathwasa iminyaka emibili wabe esephoqeleka ukuba abuyele eCanada ngenxa yokuphoqwa wumsebenzi. Yize kunjalo uthe wayelokhu emvakashela uMandela agcina ukubonana naye ngoJulayi 2010.

Uthe ngomngcwabo wayekhona njengongoti wesiteshi saseCanada, i-CTV.

Uthe okumenze wabuyela ekuthwaseni ukuthi amadlozi akhe abesamdinelwe njengoba alaxaza ukuthwasa ngo-1992.

NgoNovemba 2022 wahlaselwa wumdlavuza wagcina ephoqelekile ukuba abuyele eNingizimu Afrika ukuthola omunye ugobela uMnuz Senzo Ngubane waseMgungundlovu.

"Ngangingakaze ngizitshele ukuthi ngiyoke ngithande ugobela njengoba kwenzeka kuZungu, kwaze kwaba ngihlangana noNgubane. Ufana nobaba kimi," kuphetha uDabulamafu.