Izindaba

Bangaphezu kuka-100 abasemathunjini omhlaba emayini eseMpumalanga

Fanelesibonge Bengu|Published

UMGODI okuhlengwa kuyo abavukuzi abangekho semthethweni eSabie Isithombe: Saps

ABAVUKUZI abangekho semthethweni abavumbuke emgodini eSabie, eMpumalanga, bathi kusasele abangaphezu kuka-100 emathunjini omhlaba.

UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, uhambele kule ndawo ngoLwesine, ukuyohlola ukuqhubeka komkhankaso wamaphoyisa i-Operation Vala Umgodi.

“Ngokwalabo asebevumbukile abangu-16, kusasele abanye abangaphezu kuka-100 abangekho semthethweni emathunjini omhlaba,” kusho uMasemola.

UKHOMISHANA wamaPhoyisa, uGeneral Fannie Masemola, ekhuluma nomvukuzi ongekho semthethweni ovumbuke emathunjini omhlaba eSabie eMpumalanga Isithombe: Saps

Uthe bazobhekana namacala athinta ukuvukuza ngokungemthetho nokuphula awokuba kuleli ngokungemthetho.

Uncome amaphoyisa ngesivinini aqhuba ngaso lo mkhankaso.

“Uyancomeka umsebenzi owenziwa ngabezimo eziphuthumayo boMnyango wezeMpilo, uMnyango wezaseKhaya nabanye esisebenza nabo eduze okuhlanganisa izinkampani ezizimele. Kumele sikusho ukuthi kudingeka ezinye izinsiza ezithe xaxa ukukhipha abanye abavukuzi abangekho semthethweni. Njengamanje sibheka ukuthi yikuphi esingakweznza nokuthi yiziphi izinsiza ezidingekayo ukuhlenga impilo,” usho kanje.