Izindaba

Umnyango ukhathazekile ngoshayasibhamu abagadla ezikoleni

Nonkululeko Nhlapo|Published

UMNYANGO ukhathazekile ngoshayasibhamu abagadla ezikoleni

UMNYANGO wezeMfundo eGauteng ukhathazekile ngokwanda kwezigameko zodlame ezikoleni. Lokhu kulandela umbiko wokuhlaselwa kwebamba likathishanhloko esikoleni iNorthview esiseduze neBalfour Mall eGoli.

Usihlalo wesigungu esilawula isikole, u-Aron Malepe, utshele abezindaba ukuthi abasolwa ababili bafike kulesi sikole ngoLwesibili bezenza abantu abazofuna amanani omsebenzi wokusika izihlahla.

Abasolwa bafike ehhovisi lebamba likathishanhloko balidubula izikhawu eziyisithupha ngaphambi kokuba babaleke. Umgilwa uphuthunyiswe esibhedlela esesimweni esibucayi njengoba egcinwe egumbini labagula kakhulu.

UMnuz Malepe ubonga ubufakazi obuqoshwe amakhamera obudinga kuphela ukuthi amaphoyisa ahlale phezu kwabo kubanjwe abasolwa.

Umnyango wezeMfundo eGauteng ukhiphe isitatimende uzwakalisa ukushaqeka ngokwenzekile kuhlaselwa ibamba likathishanhloko.