I-TAC nekhwelo lokukhishwa kwemishanguzo yezinyanga eziyisithupha isithombe: x
INHLANGANO iTreatment Action Campaign (TAC) ifuna kuthi kuphela unyaka ube usukhona umhlahlandlela wokuthi luqala nini uhlelo lokunikezelwa kwemishanguzo yeHIV yezinyanga eziyisithupha, kulabo abayisebenzisayo ukuthithibalisa leli gciwane.
Lokhu kuvele ohlwini lwezikhalo obelulethwe ile nhlangano koyiPhini likaMengameli uMnuz Paul Mashatile noNgqongoqshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi, enkundleni yezemidlalo iSisa Dukashe, eMdantsane, e-Eastern Cape, lapho bekugujwa khona iWorld Aids Day.
Ngaphambi kokunika uMashatile uhlu lwezikhalo, i-TAC imashe ngokuthula okwenze ukuthi uMashatile noMotsoaledi baqale bakhulume nabo ngaphambi kokuyokhuluma kulo mgubho kule nkundla.
UNksz Belinda Setshogelo weTAC, uthe iningi labantu abaphila negciwane liyayiqala imishanguzo kodwa bese lima endleleni.
“Impi yethu yokulwa negciwane iphoxwa ukungasebenzi ngendlela efanele kwezempilo kuleli. Imitholampilo yethu ayikho esimeni. Sivuka ngovivi siye emitholampilo, kodwa kuze kushone ilanga kuyima sibonwa abezempilo,” kusho uNksz Setshogelo.
Uqhube wathi okunye abahlangabezana nakho ukuthi uma beya emitholampilo kuthatha isikhathi eside ukuthi amafayela abo atholakale, amanye asuke eselahleke unomphela.
“Kulabo abasuke bephuthwe yizinsuku zabo zokulanda imishanguzo,kuthi uma sebeya, bathethiswe, babuyiselwe emuva kulayini okuyindlela yokubajezisa,” kusho uNksz Setshogelo, oveze nokuthi labo abathandana nabobulili obufana nobabo, abasebenzisa izidakamizwa nabadayisa ngomzimba, bacwaswa kubuka wonke umuntu.
“Abaningi bagcina beyeka ukuyolanda imishanguzo ngenxa yalezi zimo ezehlisa isithunzi. Yinye into egqamayo, ukuthi akekho umuntu ofuna ukuya emtholampilo njalo ngenxa yalezi zimo,” kusho uNksz Setshogelo.
Uthe bafuna abasebenzisa imishanguzo banikwe eyesikhathi eside ukuze bengalokhu behla benyuka emitholampilo.
Uthe lokhu kuzolungisa izinto eziningi, okukhona kuzo, ukugcwala kwemitholampilo, ukuma isikhathi eside umuntu elinde usizo nokumosheka kwemali umuntu egibela eyolanda imishanguzo njalo.
Ephendula uMashatile uthe okufunwa yiTAC kuyawenza umqondo.
“Lokho kusho ukuthi uhulumeni uzoyenza le nto enikhala ngayo,” kusho uMashatile.
Uthe uMotsoaledi useshilo ukuthi kungalekelela ekutheni babhekane kalula nomgomo wabo wokuthi kuthi kushaya u-2030, babe sebengu-95% abatheleleke ngegciwane, abadla imishanguzo.
Kuvele ukuthi okwamanje ku-95% wabathelelekile, bangu-79% kuphela abayidlayo.
UMashatile uthe bazimisele ukuthi kuthi kushaya u-2030 bebe sebeyinqobile impi yeHIV.
“Uma kusenalezi zinkinga, kusho ukuthi ngeke sikwazi ukufinyelela kwesithi sizimisele ngakho,” kusho uMashatile.
Bangaphezu kuka-8 million abantu abanegciwane leHIV eNingizimu Afrika.
UMotsoaledi unxuse abeTAC ukuba bangabanqumeli ogodweni ngomnqamulajuqu oseduze wokuthola izimpendulo ngoba kuningi okufanele kubhungwe ngakho.
Uveze nokuthi kumele kukhuthazwe amadoda ezindaweni ajwayele ukuzihambela njengasezindaweni zokucima ukoma ukuthi ahambe ayohlolwa igciwane ngoba yiwona abalekayo.