UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube nomqondisi jikelele walo mnyango, uMnuz Mathanzima Mweli, esithangamini sabezindaba izolo Isithombe: DBE
KUQASHWE abasebenzi ababalelwa ku-15 000 abazobhekisisa ukuthi amakwe ngendlela amaphepha aka-matric.
Laba bayingxenye yabasebenzi ababalelwa ku-70 000 abaqashelwe ukusebenza ezikhungweni zokumakela u-matric kuleli, njengoba kuqale uhlelo lokumaka ngempelasonto.
Kulaba kunothisha abamakayo abangu-52 395.
Lokhu kuvezwe nguDkt Rufus Poliah, isikhulu esibhekele izivivinyo eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo, othe bafuna kungabikhona amaphutha emaphepheni amakiwe.
“Siqashe laba basebenzi ukuze basize ngalesi sikhathi esibucayi sokumaka. Angu-14 million amamaki azofakwa emakhompyutheni ngakho akumele kube nephutha,” kusho uPoliah, othe zingu-181 izikhungo zokumakela ezweni.
Ukusho lokhu izolo, ekhuluma esithangamini sabezindaba mayelana nokubhalwa kwezika-matric.
Namhlanje ingcosana yabafundi kuleli izophinde ibhale izivivinyo ze-Computer kanjalo neze-IT ngenxa yokuthi yaphazamiseka ngesikhathi kubhalwa okokuqala lezi zivivinyo.
Ingxenye eningi yabafundi abaphindayo baphazanyiswa ngugesi ngesikhathi bebhala lezi zivivinyo kanti minyaka yonke umnyango unohlelo lokuthi laba abaphazamiseka baphinde babhale uma sekuphothulwa lezi zivivinyo.
Umqondisi jikelele emnyangweni, uMnuz Mathanzima Mweli, uthe batholele enye indawo yokubhalela abanye abafundi base-Eastern Cape abakhahlanyezwa yizimpi zezigodi, wathi bakwenza lokhu ngoba bafuna wonke umfundi athole ithuba lokubhala izivivinyo zabo.
UNgqongqoshe walo mnyango, uNksz Siviwe Gwarube, uthe sebengena kwelinye igiya elibalulekile lokumakela u-matric.
Uveze ukuthi umshikashika wokubhala kwabafundi abevile ku-800 000, uphothuliwe izolo.
“Zibekhona izehlakalo ezingezinhle ezigubuzele izivivinyo okubalwa ukudlwengulwa kwabafundi ababezobhala e-Eastern Cape. Kunabafundi abaphazamiseka ngenxa yokuthi bagula, omunye kwadingeka athole usizo lozombhalela emuva kokulimala esandleni, okwenza wangakwazi ukuzibhalela.”
Uthe kwezinye izindawo kwaba nemibhikisho yomphakathi, wathi e-EC bangu-319, abafundi abaphazamiseka ngenxa yezikhukhula.
“Laba bafundi benzelwa ezinye izinhlelo zokuthi babhale. Kwasiza amathimba ezinhlekelele ezindaweni ezehlukene.”
UNksz Gwarube uthe bazoqapha ngelokhozi izinto ezithinta ukudla ezikhungweni zokumaka ukuze kunqandwe ukugula kwabazobe besebenza.
Uthe abashodi abamakayo ezikhungweni zokumakela.
UPoliah uthe zikhona izehlakalo lapho kwagula khona ababemaka.
“Sikhona isehlakalo lapho kwashona khona owayemaka. Sizoqapha ngelokhozi ukuthi azikho izehlakalo ezimbi ezenzeka ezikhugweni zokumaka,” kusho uPoliah.
Unxuse abafundi ukuthi babhiyoze bazibheke njengoba bephothule u-matric.
“Siyabanxusa ukuthi bangazihlanganisi nemibhiyozo yokuwisa amapeni bephothula ukubhala u-matric. Bangabhiyoza kodwa bakwenze lokhu bephephile,” kusho uNksz Gwarube.
UDkt Reginah Mhaule oyiPhini likaNgqongqoshe lihambe emazwini kaNksz Gwarube ngokuthi abafundi kumele baziphathe kahle uma sebebhiyoza.
Uthe likhona elinye ithuba lokuthi baphinde babhale uma bengenzanga kahle.
Related Topics: