Izindaba

Bazidelile ilanga lishisa iSilo sivula isakhiwo esisha

Simphiwe Ngubane|Published

IBUTHO elembatha iSilo beliviliyela izolo eManaba, eMbazwana Isithombe: Cogta

ISILO samaBandla uMisuzulu kaZwelithini sicele abantu baso ukuthi baqinisekise ukuthi bayasivikela isakhiwo sabo esisha, esinezinsiza zikahulumeni iManaba Community Centre, esiseMbazwana.

IMbube ifike izovula ngokusemthethweni isakhiwo izolo eManaba, yakhuluma nabantu bayo.

Beyembathwe yibutho layo ebeliviliyela kukhona nezintombi nto, ebezisina zivuma ingoma kukuhle kudelile.

AMALUNGU omphakathi waseManaba, eMbazwana elalele iSilo samaBandla sikhuluma nawo Isithombe: Cogta

Abadala nabancane bebejabulile, baqunga bazidela yize ilanga belikhipha umkhovu etsheni bezolalela oNgangezintaba.

Izakhamuzi zelulekwe yiSilo esithe akube yizona eziyiso elizoqapha lisakhiwo sazo esisha.

ISILO samaBandla uMisuzulu kaZwelithini ngesikhathi sikhuluma nezakhamuzi zaseManaba, eMbazwana Isithombe: Cogta

Ithe uma benze njalo lokho kuyokwenza ukuthi kwengezwe neminye iminyango kahulumeni ezotholakala kusona.

Njengamanje lesi sikhungo sinehhovisi elibhekele izimpesheni iSassa, namahhovisi oMnyango wezaseKhaya.

ISILO samaBandla uMisuzulu kaZwelithini sikhuluma nezakhamuzi zaseManaba, eMbazwana Isithombe: Sithunyelwe

UNdunankulu kaZulu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi obekulo mcimbi, uthe abantu baseManaba, sebezozithola eduzane izidingo zabo eziqondene neSassa, noMnyango wezaseKhaya.

ISilo siphinde sadlulisela emphakathini indawo edonsa amanzi emhlabathini. Le ndawo kulindeleke ukuthi iphakele imizi engaphezu kuka-330 ngamanzi ebikade iwezwa ngendaba.

Kuvela ukuthi yinhlangano iKing Misuzulu Foundation enikele ngalesi sikhungo.