Izindaba

I-SACP ayiguquki ekugxekeni ukufakwa kwe-DA kwi-GNU

Sabelo Nsele|Published

Okhulumela le nhlangano, uDkt Alex Mashilo Isitbhombe: Itumeleng English

AMAKHOMANISI asamile ekuphikisaneni kwayo nokufakwa kwe-DA kuhulumeni wokubambisana oholwa yi-ANC.

I-SACP ithe ayisoze yawushintsha umqondo ngokufakwa kwe-DA kuhulumeni wokubambisana.

Lokhu kushiwo okhulumela le nhlangano, uDkt Alex Mashilo, obekhuluma ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wabaholi be-ANC ne-SACP obubizelwe ukuzobhunga eyokungaboni ngaso linye kwalezi nhlangano ngodaba lokufakwa kwe-DA kuhulumeni wokubambisana.

Kuke kwaba nezikhawu lapho abaholi be-ANC nabe-SACP bejikijelana ngamazwi esidlangalaleni, lapho bebephikisana khona ngendaba yokufakwa kwe-DA kuhulumeni wokubambisana.

Abe-SACP bakhala ngokuthi i-DA inemigomo ephikisana nokuthuthukiswa kwabantu abamnyama.

UMashilo uthe abasoze bahambisane nokufakwa kwe-DA kuhulumeni wokubambisana ngoba banemigomo engahambisani.

“Uzokhumbula ukuthi ngesikhathi kuyiwa okhethweni, besikhankasela i-ANC. Sasiyigxeka i-DA. Ngaleso sikhathi i-DA yona yayikhankasela ukukhipha i-ANC emandleni. Namanje sisamile ekugxekeni kwethu i-DA. Izinto esikholelwa kuzona kazifani.

“Thina sasikhankasela ukuthi kuphasiswe umthetho womshwalense wezempilo, bona babephikisana nawo. Sikhankasela umthetho wezikole i-Bela, bona babephikisana nawo. Ngakho ke uyabona ukuthi kungakanani esingavumelani ngakho.”

UMashilo uthe bazofike bakuveze ukuphikisana kwabo ne-DA emhlanganweni wabo nobuholi be-ANC.

“Lana sizofike siveze umehluko okhona phakathi kwethu. Lana akusiyona nje inkinga yokuthi sizimisela noma cha ukwamukela ukufakwa kwe-DA kuhulumeni wokubambisana. Inkinga enkulu ukuthi akukho nanokukodwa esivumelana ngakho ne-DA.”

UMashilo uthe unethemba lokuthi bazokwazi ukuthola isisombululo kulolu daba.

“I-ANC iyidlelandawonye lethu elidala. Kuningi esikwenze ndawonye nayo. Angeke siyeke ukuxoxa nayo. Sizolokhu sixoxa nayo kuze kube sithola isixazululo.”

Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe bazimisele ukulungisa ubudlelwano babo namadlelandawonye abo.

“Uma sibumbene namadlelandawonye ethu sizokuba namathuba amaningi okufeza zonke izethembiso esizenzile ngesikhathi sikhankasela izinketho. Amadlelandawonye abalulekile embhidlangweni wethu wokuthuthukisa izwe.”