Isithombe: Eskom
BANINGI abantu abazwakalise ukungenami ngohlelo lwe-Eskom lokubhalisa kabusha amamitha kagesi, abanye banxusa ukuthi bandiselwe izinsuku zokuya emahhovisi ale nkampani ngoba iSonto liseduze kakhulu.
UDephney Mokoena okhulumela le nkampani ezweni lonke utshele uXoli Mgambi ongumethuli wezindaba kwiNewzroom Afrika ukuthi usuku olubekiwe lumile futhi ngeke lushintshe.
Ngokusho kwakhe, lolu hlelo lwaqala ngonyaka odlule futhi bebesebenzisa zonke izinkundla zabo zokuxhumana ukunxusa amakhasimende ukuba ashintshe izigubhu.
Abantu kufanele babhalise kabusha izigubhu zabo ngaphansi kohlelo lweStandard Transfer Specification Association (STSA).
Kufanele bazibhalise ngokufaka izinombolo ezibizwa nge-Key Revision Number (KRN)2. Konke lokhu kufanele bakwenze kungakadluli uNovemba 24.
Uthe izinamba zokubhalisa isigubhu ohlelweni olusha zitholakala uma abantu bethenga ikhadi likagesi kubadayisi abasemthethweni.
Abazohluleka ukuzibhalisa, kungadingeka ukuba bakhokhe imali elinganiselwa kuR12 000 ukuze bashintshelwe.
UNgqongqoshe kagesi namandla uDkt Kgosientsho Ramokgopa, unxusa amakhaya angu-1.2 million asele ukuthi abhalise ngokusheha. Ungqongqoshe usho lokhu esithangamini nabezindaba kodwa, izinkulungwane zabantu bakuleli ziyakhala ngonyawo lonwabu emahhovisi ale nkampani.
Abantu abebeyobhalisa eMpangeni, bakhale ngesikhathi eside bemi emigqeni kodwa kunakwa kakhulu laba abawukhwabanisile ugesi kunalabo abawukhokhelayo.
“Siphatheke kabi ngoba sifike ekuseni lapha kodwa sibona kubizwa kakhulu laba abawukhwabanisile ugesi, thina esiwukhokhelayo sinikezwa izinombolo ezingu-20 kodwa uma sizama ukuzifaka lezi zinombolo azingeni,” kusho owesifazane obekhuluma nabazindaba emahhovisi e-Eskom, eMpangeni.
Related Topics: