Izindaba

I-Eskom ikhumbuza abantu ukubhalisa izigubhu zikagesi wekhadi

Boniswa Mohale|Published

I-ESKOM ikhumbuza abantu ukuthi babheke izigubhu zabo ukuthi ziyahambisana yini nohlelo olusha kungakashayi uNovemba 24 ngoba uma sekushaye lolu suku isigubhu singabhalisiwe kabusha ngeke siwamukele ugesi wekhadi.

Esitatimendeni sakwa-Eskom KwaZulu-Natal, kuvele ukuthi abantu kufanele babhalise kabusha izigubhu zabo ngaphansi kohlelo lweStandard Transfer Specification Association (STSA).

UNksz Joyce Zingoni okhulumela i-Eskom KwaZulu-Natal, uthe uma abantu bengazibhalisile izigubhu zabo ohlelweni olusha ngeke bakwazi ukufaka ugesi wekhadi.

Kufanele bazibhalise ngokufaka izinombolo ezibizwa nge-Key Revision Number (KRN)2. Konke lokhu kufanele bakwenze kungakadluli uNovemba 24.

Uthe izinamba zokubhalisa isigubhu ohlelweni olusha zitholakala uma abantu bethenga ikhadi likagesi.

Uveze ukuthi bathola izinombolo eziwu-20 okufanele bazifake esigubhini sikagesi.

“Abantu kufanele baqinisekise ukuthi izigubhu zabo sezibhalisiwe yini ohlelweni olusha ngaphambi kokucela usizo kwi-chatbot yethu ebizwa ngo-Alfred noma ngaphambi kokuya emahhovisi ethu. Ukubheka ukuthi isigubhu sibhalisiwe kufanele abantu bafake le namba 1844 6744 0738 4377 2416. Uma le namba ingasebenzi kufanele bacindezele lezi ezilandelayo,”

-L&G(E460)-i057 enter

-L&G(PLC2)-i057

-Conlog-#005#

-Voltex-005 enter

-Nyamezela-cindezela ibhathini elibomvu, ulibambe kuze kuvele amadothi bese ufaka u-005 enter

Uthe uma isigubhu siveza u-2 kusho ukuthi sesibhalisiwe ngaphansi kohlelo olusha kanti uma siveza u-1 kusho ukuthi kufanele sibhaliswe.

Abantu bangabhalisa imininingwane yabo kwi-chatbot yakwa-Eskom ebizwa ngo-Alfred ngokungena ku-www.alfred.eskom.co.za/chatroom bese bekhetha isihloko esithi “update my details”.

Bangaya nasemahhovisi akwa-Eskom aseduze nabo ukuze basizakale.