Izindaba

Umsindo kuhlongozwa ilayisensi kaWhatsApp

Fanelesibonge Bengu|Published

EZIMBABWE kuhlongozwa ukuthi abengamele ama-group kaWhatsApp bakhokhele ilayisensi Isithombe: REUTERS

ISUSE umsindo inkulumo kaNgqongqoshe wezobuChwepheshe nokuXhumana eZimbabwe, uTatenda Mavetera, yokuthi abengamele ama-group kaWhatsApp kumele bakhokhele amalayisensi abiza imali ephakathi kuka-$50 (R881) no-$2 500 (R44 065).

Lesi simemezelo usenze ngesonto eledlule emcimbini. Uphinde wasishicilela ekhasini lakhe le-LinkedIn kwasuka ukukhuluma.

NgeSonto ushaye ungqimphothwe wathi uyaziqhelelanisa nalezi zinkulumo. Uthe le mali abayifuni kwabangayiqoqi imininingwane yabanye ngenhloso yokwenza ibhizinisi.

"I-Personal Identifiable Information (PII) yinoma yiluphi ulwazi olungasetshenziswa ukuhlonza umuntu kusuka egameni lakhe, ikheli, inombolo yocuko, eye-passoirt nekamazisi," kusho uMavetera.

Uthe akakaze asho ukuthi kuzohlawuliswa abengamele ama-group kaWhatsApp noma ezinye izinkundla abangayiqoqi imininingwane yokuhlonza abantu.

UChipo Sibongile Mapungwana ubuze ukuthi kungani abantu kumele bakhokhele uWhatsApp ngoba akuwona okahulumeni? Ubuze nokuthi bazobathola kanjani abaphethe ama-group.

UMukuru uthe ubone abantu bemtinyela manje useshaya ungqimphothwe.

URoyal uthe ubeseqala ukukhathazeka.