Izindaba

Ingane (4) idle ukudla yafa

Intatheli YeSolezwe|Published

AMAPHOYISA aphenya ngokuholele ekufeni kwengane ngemuva kokudla ekhaya

AMAPHOYISA aseGaleshewe, eKimberley, aseqale uphenyo ngemuva kokufa kwentombazane eneminyaka emine okuthiwa idle ukudla ekhaya.

Kuthiwa umalume wengane ungeniswe esibhedlela ngeSonto.

Akucaci ukuthi laba bobabili badle ini njengoba amaphoyisa eseqale uphenyo olusaqhubeka.

“Amaphoyisa aphenya imbangela yokufa kwengane okuhlanganisa ukuthi kuhlolwe isidumbu ukuze kutholakale okuyikhona okuholele ekufeni kwayo,” kusho okhulumela amaphoyisa uSergeant Timothy Sam.

Kwenzeka lokhu nje, ekuqaleni kwenyanga kufe izingane eziyisithupha eSoweto, eGoli, ngemuva kokudla ama-snacks okuthiwa ayenophoyizeni.