Izindaba

UMkhwebane akanankinga nokujoyina iMK

Sabelo Nsele|Published

OWAYENGUMVIKELI woMphakathi, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, wesulile kwi-EFF Isithombe: SIGCINIWE

OWANGUMVIKELI woMphakathi, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, uthi akanankinga nokujoyina iqembu eliholwa owayengumengameli, uJacob Zuma, iMK.

U-Advocate Mkhwebane, oshiye kwi-EFF, uvumile ukuthi iMK kade yaqala ukumeshela kodwa wathi ubengakasithathi isinqumo.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma kwipodcast, iSMWX, lapho ememezele khona ukushiya kwakhe kwi-EFF.

Ukushiya kuka-Advocate Mkhwebane kwi-EFF kufika kungakapheli isikhathi eside kushiye owayeyiphini likamengameli kule nhlangano, uMnuz Floyd Shivambu, nowayeyilungu lePhalamende, uMnuz Mzwanele Manyi.

UShivambu noManyi sebengamalungu eMK.

Ngesikhathi beshiya kwi-EFF beya kwiMK, kwaba namahlebezi okuthi baningi abanye abazobalandela.

U-Advocate Mkhwebane, uthe abeMK baqala ukumeshela ngaphambi kokuthi kuze kushiye uShivambu.

“Kodwa ngabatshela ukuthi kuningi engangisafuna ukukwenza kwi-EFF. Ngicabanga ukuthi sengikwenze konke kwi-EFF ebengifuna ukukwenza.”

U-Advocate Mkhwebane uthe uma kuwukuthi abeMK basamfuna, uzimisele ukubalalela.

“Imigomo yeMK icishe ifane neye-EFF, awukho umehluko otheni. Ayikho into engingathi angiyithandi ngeMK. Konke kulele kubona, uma kuwukuthi basangifuna, ngizobona.”

U-Advocate Mkhwebane waziwa njengomunye wabantu abazwelana noZuma, umkhwenyana ka-Advocate Mkhwebane, uMnuz David Skosana, uyilungu le-MK.

Encwadini yokwesula, u-Advocate Mkhwebane ukhale ngokuhlukumezeka ngesikhathi esenguMvikeli woMphakathi.

U-Advocate Mkhwebane wakhishwa singakapheli isikhathi sakhe.

Uthe akazange akuthole ukuphumula ngesikhathi ephethe isikhundla.

“Kule minyaka eyisikhombisa eyedlule ngizithole ngicindezeleka, ngicindezelwa yizinkantolo, yiPhalamende , uhulumeni uqobo, kanye namaziko ezindaba abesetshenziswa ukungilwisa. Ukuhlukumezeka kwami kuqhubekile noma sengikhishiwe esikhundleni. Lokhu obekwenzeka kule minyaka kungenze ngabona ukuthi asikayitholi inkululeko esayilwela kanzima kangaka.”

Imibiko eminingi eyakhishwa u-Advocate Mkhwebane ngesikhathi esenguMvikeli woMphakathi yachithwa yizinkantolo.

Encwadini, u-Advocate Mkhwebane, uthe ukhethe ukwesula kwi-EFF ukuze akwazi ukuchitha isikhathi nomndeni wakhe.

Kodwa ngesikhathi ekhuluma kwipodcast u-Advocate Mkhwebane, uthe ushiye kwi-EFF ngoba engajabule ngendlela okuqhutshwa ngayo kule nhlangano eholwa uMnuz Julius Malema.

U-Advocate Mkhwebane uthe kwi-EFF kulandelwa okushiwo ubuholi.

“Angisho ukuthi ngiyayigxeka indlela okuqhutshwa ngayo kwi-EFF, kodwa kukhona izinto nawe oke ubone ukuthi lena akusiyo eyami.”