Izindaba

Sehlile isibalo sabaphila ne-HIV KwaZulu-Natal

Boniswa Mohale|Published

SINCIPHE kancane isibalo sabantu abane-HIV KwaZulu-Natal njengoba sisuke ku-1.99 million ngo-2017 saya ku-1.98 million ngo-2022

SINCIPHE kancane isibalo sabantu abane-HIV KwaZulu-Natal njengoba sisuke ku-1.99 million ngo-2017 saya ku-1.98 million ngo-2022.

Lokhu kuvezwe wucwaningo lwakamuva lwe-Human Sciences Research Council (HSRC).

USolwazi Khangelani Zuma obehola ucwaningo lwe-SAHRC, uthe ngo-2022, i-HIV ibitholakala kakhulu kulabo abaneminyaka ephakathi kuka-25 kuya ku-49 njengoba ibiku-31.1%, kwabesifazane ibiwu-38.4%, bese kuthi kwabesilisa ibe wu-21.5%.

Uthe iKwaZulu-Natal ayisahambi phambili ngokusabalala kwe-HIV njengoba isibalo sayo siku-16%, sekuhamba phambili iMpumalanga lapho kutholwe khona ukuthi ukusabalala kwe-HIV kuku-17% okubeka abantu abaphila ne-HIV kulesiya sifundazwe ku-890 000.

Ubalule ukuthi yize ukusabalala kwe-HIV KwaZulu-Natal kwehlile kodwa lesi sifundazwe sisenabantu abaningi abaphila ne-HIV ngenxa yokuthi vele sinabantu abaningi (high population numbers).

Uthe okuhle wukuthi u-87% wabantu abane-HIV udla imishanguzo futhi u-87% uyidla kahle imishanguzo. Lokhu kuholela ekuthithibaliseni igciwane nokuthi bangalidluliseli kwabanye.

Uzwakalise ukukhathazeka ngokuthelelana nge-HIV kubantu abaneminyaka ewu-15 kuya ku-24 athe yibona abasengcupheni yokutheleleka nge-HIV nokungayidli imishanguzo njengoba bengakukhuthalele ukuzihlola. Nalabo abaneminyaka ewu-45 kuya ku-49, kuvele ukuthi bayatheleleka nge-HIV ngenxa yendlela yokuziphatha (sexual behaviour).

Uthe kufanele kuqalwe phansi imikhankaso yokuqwashisa nge-HIV, ihambe phambili njengoba kwakwenzeka ngesikhathi kuqwashiswa ngeCovid-19.

Ugqugquzele abantu ukuthi baye ocansini oluphephile ngoba ocwaningweni kuvele ukuthi kwehlile ukusetshenziswa kwamakhondomu.

Amadoda uthe kufanele asokwe ngoba kufanele kusetshenziswe zonke izindlela zokunqanda i-HIV.