Izindaba

BUKA: Ukuzethemba kuThabo Bester ebhekene ngqo nejaji enkantolo

Nonkululeko Nhlapo|Published

UTHOLANE phezulu nejaji uThabo Bester efuna ukugunyazwa ukusebenzisa i-laptop ejele ukulungiselela ukuqulwa kwecala isithombe: Oupa Mokoena/Independent Newspapers

SICHITHIWE isicelo sesiboshwa uThabo Bester sokugunyazwa ukusebenzisa i-laptop sisejele.

Lesi siboshwa esidonsa udilikajele ngamacala okudlwengula nokubulala, njengamanje sibhekene necala lokweqa ejele ngonyaka odlule.

UBester unikele enkantolo ngoLwesibili, efaka lesi sicelo ngenhloso yokuzilungiselela ukuqulwa kwecala lokweqa kwakhe ejele ngoFebhruwari, wangonyaka ozayo.

Le nsizwa iqome ukuzimela yona enkantolo, inxuse ijaji ukuba livume ukuthi ithole i-laptop, yaze yabeka nokuthi igadwe ngeso lokhozi ejele, ngakhoke akukho okubi nokungale komthetho engakwenza uma ithola lokhu kuphela izolandela yonke imigomo ebekelwe yona.

“Angitholi ngisho iphephandaba, anginawo umsakazo, anginalo iwashi, angazi nokuthi isikhathi sini, yindlela engiphile ngayo ezinyangeni eziwu-16 ezedlule” kusho uThabo Bester ezikhalela ejajini.

Uzwakale ekhushukelwa wushukela uBester ngesikhathi ijaji limtshela ukuthi akanalo ilungelo lokuba ne-laptop.

“Awunalo ilungelo ngokoMthethosisekelo lokuba ne-laptop ne-mordem,” kusho ijaji.

UBester uphendule ijaji ngokuthi liyenzelela.

Inkantolo isikhahlelile isicelo sakhe ngokuthi akukho semthethweni ukuba athole lezi zinto azifunayo.