Izindaba

Abateta ePrince Mshiyeni sebezobhalisela nesibonelelo sezingane

Boniswa Mohale|Published

SEBEZOPHUMA bebhalisele isibonelelo sezingane abateta esibhedlela iPrince Mshiyeni Isithombe: SITHUNYELWE

SEBEZOSIBHALISA beqeda ukuteta isibonelelo sezingane ababeletha esibhedlela iPrince Mshiyeni, esiseMlaza.

UNksz Sandy Godlwana ophethe ezokuxhumana nezokukhangisa eSassa KwaZulu-Natal uthathwe noNksz Ntombifuthi Sikhakhane obhekelele ukusebenza kweSassa eThekwini Isithombe:Sithunyelwe

Izolo iSouth African Social Security Agency (Sassa) ivule amahhovisi azosiza ukubhalisa isibonelelo sezingane. Njengamanje abesifazane baphuma sebesiphethe isitifiketi sokuzalwa kwengane okuyisona abasisebenzisa uma bebhalisa imali yesibonelelo sezingane.

“Ukuqala kwalolu hlelo ePrince Mshiyeni kuzoqinisekisa ukuthi imindeni iyakwazi ukunakekela izingane. Siyazi ukuthi ziningi izingqinamba ezibhekana nabazali, sifuna ukuqinisekisa ukuthi bayakwazi ukuthola isibonelelo sezingane ngaphandle kwezihibe,” kusho uNksz Thamo Mzobe, ongumphathi weSassa KwaZulu-Natal.

Uthe isibonelelo sezingane sibalulekile kubazali nakubantu abanakekela izingane ngoba yisona esibasiza ukuzenzela izidingo.

Ubalule ukuthi kuqala abazali bebethola izingane bese bezenzela isitifiketi sokuzalwa khona ePrince Mshiyeni bese begoduka beya emakhaya. Isibonelelo sezingane bebesibhalisa emahhovisi akwaSassa sebephumile.

Abanye bebelinda ukuthi babe nemali yokugibela ngaphambi kokuthi bayobhalisa isibonelelo sengane. Ukuvulwa kwehhovisi kusho ukuthi umzali uzoteta, enzele ingane isitifiketi sokuzalwa bese eyibhalisela imali yesibonelelo sikahulumeni khona esibhedlela iPrince Mshiyeni.

Uphethe ngokuthi bazoqinisekisa ukuthi lolu hlelo luba khona nakwezinye izifunda zaKwaZulu-Natal ukuze abazali baphume ezibhedlela sebenakho konke okudingwa yizingane.

Kuzokhumbuleka ukuthi izinhlangano ezibhekelele amalungelo ezingane zikubeke kwacaca ukuthi isibonelelo sezingane siyasiza ukulwa nobuphofu emindenini.