Izindaba

Kuxwayiswa abasebenzisa umuthi kashukela ukwehlisa umzimba

Boniswa Mohale|Published

Kuxwayiswa abasebenzisa umuthi kashukela ukwehlisa umzimba

SEKUVELE ukuthi ukushoda kwemithi kashukela ikakhulukazi lowo obizwa nge-Ozempic, kuhlobene nokuthi abanye abantu bawusebenzisela ukuncipha emzimbeni.

I-South African Health Products Regulatory Authority (Sahpra) ixwayise abenza lokhu ithi babeka impilo yabo engcupheni.

Kuzokhumbuleka ukuthi izinkampani ezikhiqiza imithi elwa ne-type 2 diabetes, ziveze ukuthi izoshoda kulo nyaka emhlabeni jikelele.

UMnuz Deon Poovan obhekelele ukulawulwa kwemithi kwi-South African Health Products Regulation Authority (Sahpra), uthe ukushoda komuthi kashukela obizwa nge-Ozempic bathole ukuthi kuhlobene nokuncishiswa kwesisindo somzimba.

Ekhuluma kwi-eNCA, uthe kunabantu abasebenzisa lo muthi ukuncipha ngenxa yezithako zawo ezikwazi ukulawula isisindo somzimba.

Uthe kuyingozi ukusebenzisa i-Ozempic ukuncipha ngoba eNingizimu Afrika ayizange igunyazwe njengomuthi wokuncipha.

Labo abasebenzisa i-Ozempic ukulwa noshukela kufanele bakhulume nodokotela babo ukuze banikezwe eminye imithi.

“I-Ozempic iyashoda emhlabeni jikelele. Okubi esesikutholile manje wukuthi kunabantu abayisebenzisela ukuncipha. Kuyingozi ukwenza lokhu ngoba njengenhlangano elawula ukusetshenziswa kwemithi asikaze sithi i-Ozempic ngeyokunciphisa umzimba,” kusho uPoovan.

Ucele abafuna ukunciphisa umzimba ukuthi bakhulume nodokotela babo ngoba i-Ozempic ngeke ibasize kodwa babeka impilo yabo engcupheni. Uthe badinga ukukhuluma nezazi zempilo ezizobaluleka kahle.

“Ngisho umuntu onoshukela uyachazelwa ukuthi i-Ozempic izomsiza ngani. Ubuye akhulume nabasebenzi bezempilo okubalwa odokotela, ama-dietician nabanye ngokudla okufanele akudle. Uye achazelwe nangendlela osekufanele aphile ngayo njengoba ushukela obizwa nge-type 2 diabetes udinga umuntu adle ngendlela efanele, azivocavoce enze nokunye okuzomgcina ewumqemane.”

Ubuye wakugcizelela ukuthi i-Ozempic wumuthi otholakala ngokuya kudokotela awuvele nje uwuthenge ungenayo incwadi ekugunyaza ukuba uwuthenge.