Izindaba

AmaKhomanisi awayeke ukucasha ngaphansi kwezidwaba ze-ANC: ANCYL

Sabelo Nsele|Published

UMENGAMELI we-ANC Youth League, uMnuz Collen Malatji, ufuna i-SACP ingenele ukhetho Isithombe: Sithunyelwe

I-ANC Youth League (ANCYL) iphonsele i-SACP inselelo yokuba ingenele ukhetho, iyeke ukucasha nge-ANC.

UMengameli we-ANCYL, uMnuz Collen Malatji, uthe uma i-SACP izibona ukuthi ingakwazi ukunqoba ukhetho, ayilungenele bese iyeka ukugxeka isinqumo se-ANC sokusungula uhulumeni wokubambisana.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba izolo, lapho ebekhuluma khona ngezinhlelo zokugubha iminyaka engu-80 kwasungulwa i-ANCYL.

Abaholi be-SACP nabe-ANC ababoni ngaso linye ngodaba lokufakwa kwe-DA ne-FF Plus kuhulumeni wokubambisana.

I-SACP ikhala ngokuthi la maqembu amabili anemithetho ecindezela abahlwempu nabasebenzi.

Selokhu kwathi nhlo i-SACP ayingaze ingalungenela ukhetho, iyaye ikhankasele i-ANC.

UMalatji uthe uma kuwukuthi i-SACP imile ekutheni i-ANC yenza iphutha ngokufaka la maqembu kuhulumeni wokubambisana, ayingenele ukhetho khona singezokuba khona isidingo sokuthi i-ANC ibambisane ne-DA ne-FF Plus.

“Uma nje sesikhuluma iqiniso, ukuphela kweqembu esingathanda ukubambisana nalo i-SACP. Sesisebenzisane nalo kusukela ngo-1994. Linemigomo efanayo neyethu. Alikho elinye iqembu elinemigomo efana ne-ANC, ngisho i-EFF ne-MK abanayo imigomo efana neye-SACP. Kahle kahle wonke la manye amaqembu ayazifanela nje, afuna ukukhipha i-ANC emandleni.

“Uma kuwukuthi abe-SACP bazibona ukuthi banawo amandla okwakha izinhlaka ezingabasiza ukuthi bakwazi ukunqoba ukhetho, abangenele ukhetho oluzayo. Uma kuwukuthi abawufuni uhulumeni wokubambisana, abangenele ukhetho, bayeke ukucasha ngaphansi kweziketi ze-ANC.”

UMalatji uthe uma kuwukuthi i-SACP ayijabule ngohulumeni okhona, kufanele abaholi bayo baphume baphele kuwona.

“Okusikhathazayo njenge-ANCYL ukuthi abaholi be-SACP, lena egxeka uhulumeni wokubambisana, bangongqongqoshe kuhulumeni wokubambisana. Usihlalo we-SACP (uDkt Blade Nzimande) unguNgqongqoshe wezeSayensi nezoBuchwepheshe.

“Amanye amalungu esigungu esiphezulu kwi-SACP nawo angongqongqoshe. Lokhu kusho ukuthi i-SACP nayo iyingxenye yohulumeni wokubambisana. Lo msindo abawubangayo awunasidingo, bafuna ukubukwa.”

UMalatji uthe i-ANC yaba nezingxoxo ne-SACP ngaphambi kokuthi isungule uhulumeni wokubambisana njengedlelandawonye.

UMalatji uthe bazokuba nezingxoxo ne-SACP lapho bezozama khona ukuqeda ukungaboni ngaso linye.