Izindaba

Kufe abasolwa abathathu kwalimala nephoyisa kudutshulwana

Fanelesibonge Bengu|Published

Indawo yesigameko lapho kufe khona abathathu abebesolwa ngokuduna imoto eMlaza Isithombe: Sithunyelwe

Kufe abasolwa ngokuduna imoto abathathu, kwalimala iphoyisa elilodwa ngesikhathi kudutshulwana eMlaza, eThekwini, ngoLwesihlanu ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abasolwa bebeqeda ukuduna owesifazane imoto kwaR ngesikhathi amaphoyisa ebajaha.

“Kujahwane ngezimoto ngesivinini nokuthe kufikwa kwaT, abasolwa badubula bebhekise emaphoyiseni nawo ase ezivikela ngokudubula. Kufe abasolwa abathathu. Iphoyisa lidubuleke engalweni kanti lisesimeni esigculisayo,” kusho uNetshiunda.

Uthe abasolwa batholakale nezibhamu ezintathu nemoto abebesolwa ngokuyiduna.

Owesifazane oduniwe akalimalanga.