Izindaba

Umswenko weMongolia udle umhlanganiso kowama-Olympic

Nonkululeko Nhlapo|Published

UMSWENKO obonakala udla ubhedu wokuvula nokuvalwa kwemidlalo yama-Olympic wethimba laseMongolia isithombe: MICHEL AMAZONKA

SEKUBALWA izinsuku ezimbalwa aqale ama-Olympic akulo nyaka eParis eFrance, wonke amazwe abamba iqhaza emidlalweni ehlukene kulo mncintiswano asemi ngomumo ukwenza ezibukwayo.

Njengamanje, amazwe ahlukene asekhiphe ingqephu ehlukene okuyimifaniswano ezogqokwa abadlali emcimbini wokuvula, uma kutholwa izindondo noma sekuvalwa. La mazwe apike abasiki bengqephu abadumile nabangaziwa, kusukela kuRalph Lauren Suits wethimba lase-USA kuya ekubukekeni kwegciwane le-Mongolia nokunye.

Njengoba isizungeza kuzo zonke izinkundla zokuxhumana le ngqephu, yinye into ecacile, wukuthi i-mongolia ihamba yodwa ngobuhle, ikhwalithi nesitayela. Bonke abantu bavumelana ngokuthi uMachel Amazonka ubashaye bonke emakhanda.

UMSWENKO obonakala udla ubhedu wokuvula nokuvalwa kwemidlalo yama-Olympic wethimba laseMongolia isithombe: MICHEL AMAZONKA

Izwe elibonakala lenza kancane i-Australia. Izintokazi ezimbili zinikele kuTiktok ziveza lo mswenko zithokozile kodwa zangamukelwa ngendlela ebezicabanga ngayo.

@refsjeeslourenco o uniforme olímpico da austrália foi assinado pela sportscraft. os detalhes dentro do blazer me ganharam muito 🤌![CDATA[]]>🏾![CDATA[]]>🩷✨ #uniformeolimpico #uniforme #uniformedasolimpiadas #olympicstyle #paris2024 #uniformeolimpiadas #olympic #australia #australiateam #Sportscraft ♬ FEEL THE GROOVE - Queens Road, Fabian Graetz

Ithimba lasekhaya iFrance lithungelwe uBerluti kanti umswenko wabo wokuvulwa komcimbi ngamasudi ohlobo lwe-tuxedo abesilisa nabesifazane. Umswenko wabo wokwamukela izindondo bawenzelwe nguStéphane Ashpool ongumqondisi wezobuciko nomsunguli we-Pigalle.

UMSWENKO weFrance wokuvula umcimbi Isithombe: OLYMPICS

Umswenko wamanye amazwe:

ITHIMBA laseTaiwan lizobe ligqokiswe abeJUST IN XX emcimbini wokuvulwa kwama-olympic
ITHIMBA laseBrazil lithole umswenko womsiki wengqephu uRiachuelo
INGQEPHU yaseBrazil yokwamukela izindondo ekhiqizwe nguPeak Sport
ITHIMBA leCzech lizovula ngalo mswenko ogqamile nopholile othungwe abePrague Morning
Umswenko wethimba lase-USA Isithombe: RALPH LAUREN
ITHIMBA leMexico lizogqokiswa yiMen's Fashion
UMSIKI wengqephu yethimba lasePhilippines uFrancis Libiran. Isithombe:FACEBOOK
I-LULULEMON iyona ekhiphe ingqephu yethimba laseCanada kulo nyaka isithombe: LULULEMON
ABE-The New Originals bakhiqize umswenko wamaDutch isithombe: THE NEW ORIGINALS
ITHIMBA leThailand ligqokiswa yiGrand Sport
ITHIMBA leSouth Korea lizogqoka ingqephu kaMusinsa Standard ngomcimbi wokuvula nokuvalwa kwama-olympic
ITHIMBA leLatvia lizogqokiswa abe- 4F

ITHIMBA laseNigeria liqoke ukusebenzisana nabe-Actively Black ngengqephu yomncintiswano neyokwamukelwa kwezindondo

ITHIMBA leSpain ligqokiswa yiJomasport isithombe: SPANISH OLYMPIC COMMITTEE
ITHIMBA laseHaiti lizobonakala ngengqephu kaStella Jean isithombe: WOMEN'S WEAR DAILY